Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 15:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Ngokuba ibandla labangenaNkulunkulu liyakuba yinyumba, umlilo uqede amatende abathengwa ngemivuzo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 Ngokuba umshungu wabangenabunkulunkulu uyinyumba, nomlilo uqothula amathende athengwa ngokufunjathiswa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Ngokuba umhlangano wabazenzisi uyakuba yihlane, nomlilo uqede amatende okufumbathisa.

Gade chapit la Kopi




UJobe 15:34
17 Referans Kwoze  

“Zinjalo izindlela zabo bonke abakhohlwa uNkulunkulu: ithemba longenaNkulunkulu liyakuchitheka;


Abathembekileyo babhubhile emhlabeni, akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.


Liyini ithemba longenaNkulunkulu, nxa enqunywa, lapho uNkulunkulu esusa umphefumulo wakhe, na?


Abakuzondayo bayakwembeswa amahloni; itende lababi aliyobe lisabakho.”


iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.


“Abangesabi ngenhliziyo baqongelela ulaka; abakhali lapho ebabopha.


Wayesethatha uSofari umNahama, wathi:


Amatende abacindezelayo anokuthula; abathukuthelisayo uNkulunkulu bayalondeka, abaletha unkulunkulu wabo ngezandla zabo.


uma udedisele kude ukona okusesandleni sakho, ungahlalisi ububi ematendeni akho,


Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani, ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.”


Amadodana akhe ayengahambi ngezindlela zakhe, kepha aphambukela inzuzo embi, athengwa ngemivuzo, aphendukezela izahlulelo.


Akayikusuka ebumnyameni; ilangabi liyakushisa amagatsha akhe, amuke ngokuphefumula komlomo kaNkulunkulu.


Etendeni lakhe bayakuhlala abangesibo abakhe, kuvumvuzelwe isibabule ekhaya lakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite