Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 15:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Akayikusuka ebumnyameni; ilangabi liyakushisa amagatsha akhe, amuke ngokuphefumula komlomo kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 Akayukusuka ebumnyameni, ilangabi liyakubunisa amagatsha akhe, apheshulwe ngukuphefumula komlomo wakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Kayikusuka ebumnyameni; ilangabi liyomisa amagatsha akhe, futhi ngomoya womlomo wakhe uyomuka.

Gade chapit la Kopi




UJobe 15:30
25 Referans Kwoze  

Babhubha ngokuphephetha kukaNkulunkulu; ngomoya wentukuthelo yakhe bayaphela.


Ubumnyama bonke bubekelelwe ingcebo yakhe; umlilo ongavuthelwanga uyakuyidla, uchithe okusele etendeni lakhe.


Akethembi ukuthi uyakubuya ebumnyameni; uyalindelwa yinkemba.


Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.


bangamaza adlangalalayo olwandle, ekhephuza amahlazo awo, izinkanyezi ezidukayo ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama baphakade.


Labo bayimithombo engenamanzi nezinkungu eziqhutshwa yisiphepho, abagcinelwe ubumnyama bobumnyama.


“Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


“Khona inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’


kodwa abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”


Indawo yokushisela kade yahlelwa, yebo, yalungiselwa nenkosi; uyenze yajula, yaba banzi; igoqo layo lingumlilo nezinkuni eziningi, nokuphefumula kukaJehova kunjengomfula wesibabule; kuyayokhela.


Kepha uyakwahlulela abampofu ngokulunga, anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba, awushaye umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, abulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.


‘Impela ababesivukela sebechithiwe, nabakushiyileyo umlilo ukuqedile.’


Uyakukhishwa ekukhanyeni, aqhutshelwe ebumnyameni, axoshwe ezweni.


Emini bahlangana nobumnyama, baphumputha emini njengasebusuku.


Uyazulazulela ukudla: kuphi na? Uyazi ukuthi usuku lobumnyama selungasesandleni sakhe.


Ngokuba ibandla labangenaNkulunkulu liyakuba yinyumba, umlilo uqede amatende abathengwa ngemivuzo.


Izimpande zakhe ziyakoma ngaphansi; phezulu kuyabuna amagatsha akhe.


Ngokuba kungumlilo odlayo kuze kube sekubhujisweni, kusishulwe yonke inzuzo yami.


Ngalokho ngiyabashaya ngabaprofethi, ngibabulale ngamazwi omlomo wami, ukwahlulelwa kwakho kuqhame ekukhanyeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite