Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 15:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Izwi lengebhe lisezindlebeni zakhe; lapho ehlezi kahle, uyakufikelwa ngumphangi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Ukunkeneneza okwesabisayo kusezindlebeni zakhe, uyothi esahlezi enethezekile, kutheleke umphangi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Umsindo owesabekayo usezindlebeni zakhe;

Gade chapit la Kopi




UJobe 15:21
25 Referans Kwoze  

Ingebhe iyakumethusa nxazonke; iyamzingela ezinyathelweni zakhe.


Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.


“ ‘Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha, babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba, bawe bengaxoshwa muntu.


Futhi ningakhononi njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbulali.


Sinenkosi phezu kwaso, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi u-Apholiyoni.


Noma ababi behluma njengotshani, nezigangi noma ziqhakaza zonke, kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.


Ingebhe iyamehlela njengamanzi; isivunguvungu siyamphephula ebusuku.


INkosi ibiyizwisile impi yama-Aramu umsindo wezinqola, nomsindo wamahhashi, nomsindo wempi enkulu aze akhuluma omunye komunye ngokuthi: “Bheka, inkosi yakwa-Israyeli isiqashele amakhosi amaHeti namakhosi aseGibithe ukuba asifikele.”


Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa; kuyamahlula njengenkosi ezilungiselele impi,


Uyakuhlwithwa etendeni lakhe alethembayo, ayiswe enkosini yengebhe.


Akusalanga lutho angaludlanga; ngalokho inhlanhla yakhe ayiyikuma.


Ngalokho izingibe ziyakuhaqa; uvalo oluzumayo luyakwethusa.


Ngokuba ithunzi lokufa kubo bonke labo linjengokusa, lokhu beyazi ingebhe yethunzi lokufa.


Akwesabayo omubi kuyamehlela, nabakufisayo abalungileyo bayakuphiwa.


U-Esteri wathi: “Ngumuntu omelene nathi, oyisitha, uHamani lo omubi.” UHamani wayeseshaywa luvalo phambi kwenkosi nenkosikazi.


Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu yamasaka, uhuquzele emlotheni, wenze isililo njengesendodana eyodwa, ukukhala okumunyu, ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite