Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 14:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Uma imihla yakhe inqunyiwe, umumo wezinsuku zakhe ukuwe, ubekile umkhawulo wakhe, aze angadluli,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Uma imihla yakhe inqunyiwe, nenani lezinsuku zakhe zikuwe, uwumisile umkhawulo wakhe, akasoze aweqa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Lapho izinsuku zakhe zimisiwe, inani lezinyanga zakhe likuwe, umisile imingcele yakhe angedlule kuyo;

Gade chapit la Kopi




UJobe 14:5
24 Referans Kwoze  

“Jehova, ngazise ukuphela kwami, nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini; mangazi ukuthi ngingodlulayo.


wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo,


Futhi njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa,


Esandleni sakhe ukhona umphefumulo wakho konke okuphilayo, nomoya wenyama yabantu bonke.


Uyasitheza ubuso bakho, zethuke; uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.


Banokujabula kuni endlini yabo emva kwabo, lapho umumo wezinyanga zabo usunqunyiwe, na?


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Wena siwula, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?’


“Nansi incazelo yale nto: MENE: uNkulunkulu ubalile umbuso wakho, uwuqedile.


Umisile umncele ukuba angaweqi, angabuyi ukusibekela umhlaba.


bonke abakhe emhlabeni bashaywa ize; uyenza njengentando yakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


Uma umuntu efa, uyakubuye aphile na? Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami, kuze kufike ukumuka kwami.


“Umuntu akasempini yini emhlabeni, imihla yakhe ayinjengemihla yomqashwa na?


“Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novalayo kungavuli muntu, uthi:


Ngalobo busuku uBelishasari inkosi yamaKaledi wabulawa.


nophilayo; ngangifile, bheka, sengingophilayo kuze kube phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese*.


“Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.


“Amasonto angamashumi ayisikhombisa anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiprofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.


Izikhathi zami zisesandleni sakho; ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo.


Amehlo akho angibona ngiseyihlule; zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.


Kukhona isikhathi sokuzalwa nesikhathi sokufa, isikhathi sokutshala nesikhathi sokusiphula okutshaliweyo;


UDavide wathi: “Kuphila kukaJehova, uJehova uyakumshaya, noma kufika nje usuku lwakhe lokufa, noma ehlela empini, abhubhe.


Ngokuba iyingcosana iminyaka eyakubalwa, ngingakahambi indlela engingayikubuya kuyo.


Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuthiye, futhi akakho obusa phezu kosuku lokufa; ukukhululwa akukho empini, nobubi abunakukhulula umninibo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite