Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 14:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Uyavela njengembali, abune; ubaleka njengethunzi, angemi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Uyaqhakaza njengembali, abuye abune, ubalekisa okwethunzi, akami ndawonye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Uphuma njengembali, abune; futhi ubaleka njengesithunzi futhi akahlali.

Gade chapit la Kopi




UJobe 14:2
21 Referans Kwoze  

ngokuba, “Yonke inyama injengotshani, nobukhosi bayo bonke bunjengembali yotshani; utshani buyabuna, nembali iyavuthuluka, kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.”


ngokuba thina singabezolo nje, asinalwazi, lokhu imihla yethu emhlabeni iyithunzi;


anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.


Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.


Umuntu ufana nomoya; izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.


Izinsuku zami zinjengethunzi elandayo; mina uqobo ngiyabuna njengotshani.


kodwa akuyikuba kuhle kwababi, nemihla yabo ayiyikwandiswa njengesithunzi, lokhu abesabi phambi kukaNkulunkulu.


Olungileyo uyahluma njengesundu, uyakhula njengomsedari* eLebanoni.


Noma ababi behluma njengotshani, nezigangi noma ziqhakaza zonke, kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.


Bagxotshwa kusukela ekuseni kuze kube kusihlwa; babhubha kuze kube phakade benganakwa muntu.


Uyakuvuthulula igwanya lakhe njengomvini, alahle imbali yakhe njengomnqumo.


Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani, babune njengemithana eluhlaza.


Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela*


“Kalokhu-ke, Nkosi, ngilindele ntoni na? Ithemba lami likuwe.


Ngenxa yezwi lokububula kwami amathambo ami anamathele enyameni yami.


Kepha wena Jehova uyakuhlala kuze kube phakade, nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite