Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 14:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele inkathazo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele usizi.

Gade chapit la Kopi




UJobe 14:1
20 Referans Kwoze  

ngokuba umuntu uzalelwa ukuhlupheka, njengokuba izinhlansi ziqhashela phezulu.


Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe ulusizi; yebo, nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli; nalokho kuyize.


Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?


“Umuntu akasempini yini emhlabeni, imihla yakhe ayinjengemihla yomqashwa na?


UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami, azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.”


“Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye.


Bheka, ngazalelwa ebubini, umame wangithabatha esonweni.


Uyini umuntu ukuba abe ngohlambulukileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba alungisiswe, na?


“Imihla yami iyashesha kunesigijimi; iyabaleka ingabonanga okuhle.


“Imihla yami iyashesha kunesaluko, iphela ingenathemba.


Ngase ngizonda ukuphila, ngokuba umsebenzi owenziwa phansi kwelanga mubi kimi, lokhu konke kuyize nokufuna umoya nje.


Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela*


Wayesethi ku-Adamu: “Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho.


Imihla yami ayiyingcosana na? Makapheze, angiyeke ukuba ngithokoze kancane,


Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani nokuthi wadalela ize bonke abantwana babantu.


Ngaphumelani esiswini ukuba ngibone umshikashika nosizi, ukuze izinsuku zami ziphele ngamahloni na?


Wathi kuyise: “Ngafa ikhanda! Ngafa ikhanda!” Wayesethi encekwini yakhe: “Myise kunina.”


ngokuba thina singabezolo nje, asinalwazi, lokhu imihla yethu emhlabeni iyithunzi;


Bheka, nenyanga ayinankazimulo, nezinkanyezi azihlambulukile emehlweni akhe.


“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje; impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite