Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 13:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kepha ningabaqambimanga; niyizinyanga ezingelutho nonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Kepha nina ningababheci ngamanga, nonke niyizinyanga ezingathi shu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kepha nina ningamanga, ningodokotela abayize nonke;

Gade chapit la Kopi




UJobe 13:4
23 Referans Kwoze  

Abazidlayo baqamba amanga ngami; ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho.


Ibhalisamu* alikho kwaGileyadi na? Inyanga ayikho lapho na? Pho, ayipheleliswa ngani impilo yendodakazi yabantu bami na?


Bapholisa kalula ukulimala kwabantu bami, bathi: ‘Ngukuthula, ngukuthula,’ kepha akukho ukuthula.


ehluphekile ngokuningi ezinyangeni eziningi, echithile konke ayenakho, engasizakalanga ngalutho, kodwa kwayilokhu kuqhubeka,


UJesu ekuzwa lokho wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni.”


“Lapho u-Efrayimi abona isifo sakhe noJuda isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi; kepha ingeniphulukise, ayinakusipholisa isilonda senu.


Ezibuthakathaka aniziqinisanga, negulayo aniyiphilisanga, neyaphukileyo aniyibophanga, nexoshiweyo aniyibuyisanga, nelahlekileyo aniyifunanga, kepha nizibusile ngamandla alukhuni.


“Khuphukela kwaGileyadi, uthathe ibhalisamu,* wena ntombi, ndodakazi yaseGibithe; usebenzisela ize imithi eminingi, ukuphuluka akukho kuwe.


Akakho omela icala lakho ukuba uboshwe; umuthi wokuphilisa awunawo.


Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga,” usho uJehova, “bawalandise, badukise abantu bami ngamanga abo nangokuwawaza kwabo; mina-ke angibathumanga nokho, angibayalanga, futhi abasizanga laba bantu,” usho uJehova.


“Ngizwile izinto eziningi ezinjalo; nina nonke ningabaduduzi ababi.


Ngokuba kalokhu seniyize nje; nibona okwesabisayo niyesaba.


“Ungafakazi amanga ngomakhelwane wakho.


Ngase ngithumela kuye, ngathi: “Azikho izinto ezinjengalezo ozishoyo; ziqanjwe nguwe enhliziyweni yakho.”


Abafowethu bambuluzile njengomfula, njengemithonjana yemifula eshayo,


Zajabha, ngokuba zazibhekile; sezifike khona zadana.


Bhekani, nina nonke nikubonile; kungani ukuba nizenze ize na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite