Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 13:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Usithelani ubuso bakho, ungishaye isitha, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 Ubufihleleni ubuso bakho, ushaye sengathi ngiyisitha sakho na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Ubufihlelani ubuso bakho, ungivikele esitheni sakho, na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 13:24
21 Referans Kwoze  

Ungivuthisele intukuthelo yakhe, wangishaya njengezitha kuye.


INkosi isinjengesitha, imgwinyile u-Israyeli; yagwinya zonke izindlu zakhe zobukhosi, yachitha izinqaba zakhe; yandisile endodakazini yakwaJuda ukukhala nokulila.


Koze kube nini, Jehova, ungikhohlwa njalonjalo na? Koze kube nini usitheza ubuso bakho kimi na?


Ngiyakumlindela uJehova ositheza ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe, ngethembe kuye.


Jehova, ulahlelani umphefumulo wami, ungifihlelelani ubuso bakho na?


Ubufihlelani ubuso bakho, ukhohlwe ukuhlupheka nokucindezelwa kwethu, na?


Bheka, uthola amathuba ngami, ungishaya isitha sakhe.


Wayesethi: ‘Ngiyakubafihlela ubuso bami, ngibone ukugcina kwabo ukuthi kuyakuba yini; ngokuba bayisizwe esiphambeneyo, abantwana okungekho kubo ukukholwa.


kepha ningamphathisi okwesitha, kodwa mlulekeni njengomzalwane.


Jehova, umeleni kude na? Uzifihlelani ubuso ezikhathini zokuhlupheka na?


sengathi angaba khona ongizwayo nantu uphawu lwami, makangiphendule uSomandla – ngibe nencwadi ayilobileyo omelana nami!


Uyaguquka ukuze ungiphathe ngonya; ngamandla esandla sakho uyangizingela.


Ulaka lwakhe luyangidwengula, lungizingele; uyangigedlela amazinyo; isitha sami singicijisela amehlo aso.


Ngiyakusho kuNkulunkulu ukuthi: ‘Ungangilahli; ngazise ukuthi uphikisanelani nami na?


USamuweli wathi: “Pho, ubuzelani kimi, lokhu uJehova esesukile kuwe, waba yisitha sakho, na?


Ningizingelelani njengoNkulunkulu, ningasuthi ngenyama yami na?


Nokuba bengiziphakamisa, ubuyakungizingela njengengonyama, ubuye uzenze omangalisayo kimi.


Ubuyakuletha kimi ofakazi abasha, wandise intukuthelo yakho kimi, amabandla ngamabandla angisukele.


Ngokuba umphefumulo wethu ukhothamele othulini; umzimba wethu unamathele emhlabathini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite