Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 12:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngubani ongaziyo ngakho konke lokho ukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokho na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ngubani phakathi kwabo bonke laba, ongazi ngakho konke lokho ukuthi isandla sikaSimakade sikwenzile lokhu na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngubani ongazi kuzo zonke lezi zinto ukuthi isandla sikaJehova sizenzile na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 12:9
14 Referans Kwoze  

ukuze babone, bazi, baqaphele, baqonde kanyekanye ukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokhu nokuthi oNgcwele ka-Israyeli wakudala.


Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kuya kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.


Kepha umbhali esebathulisile abantu wathi: “Madoda ase-Efesu, kukhona yini phakathi kwabantu ongaziyo ukuthi umuzi wase-Efesu ungumlondi wethempeli likaDiyana omkhulu nowesithombe esawa ezulwini na?


“Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakele ngenxa yeNkosi.


“E nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukadinesari uyihlo umbuso, nobukhulu, nodumo, nobukhosi;


UJehova uyaphofisa, abesecebisa; uyathobisa, abesephakamisa.


Kodwa nami nginengqondo njengani, angahlulwa yinina; ngubani ongazazi izinto ezinje na?


Kepha nguye owayegcwalisa izindlu zabo ngokuhle. Amasu ababi akude nami.


Khuluma kuwo umhlaba, uyakukufundisa, nezinhlanzi zolwandle ziyakukulandisa.


“Bheka, iso lami libone konke; indlebe yami ikuzwile, yakuqonda.


UNkulunkulu wathi: “Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwane eziphilayo, kundize izinyoni phezu komhlaba emkhathini wezulu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite