Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 12:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Emcabangweni wohlezi kahle ingozi iyadeleleka; kulungiselwe abazinyawo zabo zishelela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Labo abahleli kahle bayibukela phansi ingozi, ilungiselelwe abanezinyawo ezishelelayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Olungele ukushelela ngezinyawo unjengesibani esidelelekile engqondweni yabanokuthula.

Gade chapit la Kopi




UJobe 12:5
16 Referans Kwoze  

Eziyiziwula zase zithi kwezihlakaniphileyo: ‘Sipheni amafutha kwawenu, ngokuba izibani zethu ziyacima.’


Ukukhanya kwabalungileyo kuyathokoza, kepha izibani zababi ziyacimeka.


Izinyathelo zami zinamathela ezinyaweni zakho, izinyawo zami azisheleli.


Bese ngithi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, unempahla eningi ebekelelwe iminyaka emmingi; phumula, udle, uphuze, ujabule.’


Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo, engakalihlwisi, futhi zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwelela, nothi nisabheka ukukhanya, akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye.


Oqalekisa uyise nonina, isibani sakhe siyakucimeka esigayegayeni.


Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela, umusa wakho, Jehova, wangiphasa.


Yebo, nokukhanya komubi kuyakucimeka, nelangabi lomlilo wakhe aliyikukhanya.


Nami ngingakhuluma njengani; uma imiphefumulo yenu ibisesikhundleni somphefumulo wami, bengiyakuhlanganisa amazwi ngani, ngininikinele ikhanda lami.


Imbongolo yasendle iyakhala yini inotshani na? Inkabi iyakhonya isekudleni kwayo na?


Ngeyami impindiselo nembuyiselo ngesikhathi sokushelela konyawo lwabo, ngokuba usuku lwabo lwengozi selusondele, izinto abazilungiselweyo ziyakuphuthuma.


Ngiyisigcono somngane wami, ngowambiza uNkulunkulu, waphendula; olungileyo nongenasici uyisigcono.


Amatende abacindezelayo anokuthula; abathukuthelisayo uNkulunkulu bayalondeka, abaletha unkulunkulu wabo ngezandla zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite