Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 12:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Umukisa abapristi bephangiwe, aphenule abemiyo njalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Ugodukisa abaphristi bengenalutho, athele phansi othulini izikhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Uhola izikhulu eziphangiwe, agumbuqele abanamandla;

Gade chapit la Kopi




UJobe 12:19
16 Referans Kwoze  

Ayakulwa neWundlu, neWundlu liyakuwanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, nabakanye nalo, ababiziweyo, nabakhethiweyo, nabathembekileyo.”


“Usho kanje uJehova kogcotshiweyo wakhe, kuKoresi, osandla sakhe sokunene ngisibambile ukuba ngahlule izizwe phambi kwakhe, ngithukulule izinkalo zamakhosi, ngivule iminyango phambi kwakhe, amasango angabe esavalwa.


“Abantu bakhala ngobuningi bezinkahlo; bakhala ngokusizwa ngenxa yengalo yabanamandla.


baze benza ukuba ukukhala kwabampofu kufike kuye, wezwa ukukhala kwabahluphekayo.


Uyadonsa namaqhawe ngamandla akhe; uyavuka; akakho osenethemba lokuphila.


Onke lawo makhosi nezwe lawo uJoshuwa wakuthatha ngasikhathi sinye, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli walwela u-Israyeli.


Kwathi lapho bekhiphela kuJoshuwa lawo makhosi, uJoshuwa wabiza onke amadoda akwa-Israyeli, wathi ezinduneni zamadoda empi ezazihamba naye: “Sondelani, nibeke izinyawo zenu ezintanyeni zalawa makhosi.” Zasondela-ke, zabeka izinyawo zazo ezintanyeni zawo.


Ungikhumulile udumo lwami; ususile umqhele ekhanda lami.


Ababi baphilelani, baze babe badala, yebo, bakhule emandleni, na?


Umuntu onamandla, izwe lingelakhe; onodumo uyahlala kulo.


Bayafa ngokuphazima kweso; phakathi kwamabili abantu bayathuthumela, banyamalale; amaqhawe ayasuswa, kepha kungengasandla.


Uyaphahlaza abanamandla, kungahlolwanga, amise abanye ezikhundleni zabo.


nowenza izikhulu zibe yinto engelutho, nabahluleli ukuba babe yize.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite