Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 12:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Bheka, uyadiliza, kungabe kusakhiwa; uyavalela umuntu, kungabe kusavulwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Yena uma ebhidliza, akekho ongakha kabusha, uma evalela umuntu, akekho ongamvulela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Bheka, liyabhidliza, alinakwakhiwa futhi; uyavala umuntu, kungabe kusavuleka.

Gade chapit la Kopi




UJobe 12:14
19 Referans Kwoze  

“Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novalayo kungavuli muntu, uthi:


Ngiyakubeka isihluthelelo sendlu kaDavide ehlombe lakhe; uyakuvula kungavali muntu, avale kungavuli muntu.


Uma u-Edomi ethi: “Sichithiwe, kepha siyakubuye sakhe izincithakalo,” usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bayakwakha bona, kepha mina ngiyakudiliza, babizwe ngokuthi uMkhawulo Wobubi, nabantu uJehova abathukuthelelayo kuze kube phakade.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ugange olubanzi lwaseBabele luyakubhidlizwa nokubhidlizwa, namasango alo aphakemeyo ayakushiswa ngomlilo; abantu bakhandlekela ize nezizwe okomlilo, zikhathale.”


Uyanamathelisa izandla zabantu bonke ukuba bonke abantu bazi imisebenzi yakhe.


Ungidilizile nxazonke, sengimukile; usiphulile ithemba lami njengomuthi.


UNkulunkulu uyanginikela kubantu abonakeleyo, angiphonse esandleni sababi.


Uma edlula, avalele, abizele ekwahluleleni, ngubani ongamkhalima na?


U-Abishayi wathi kuDavide: “UNkulunkulu unikele isitha sakho esandleni sakho namuhla; ngalokho mangimgwaze kanye ngomkhonto uze udle umhlabathi, ngingamphindi.”


Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe, nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaFilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli,


Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.


uthi: ‘Kanjalo iBabele liyakushona, lingabe lisavuka ngenxa yokubi engiyakulehlisela khona, lidangale.’ ” Kuphela lapha amazwi kaJeremiya.


Ngokuba wenzile umuzi waba yinqwaba, nomuzi obiyelweyo waba yincithakalo; indlu yamakhosi abafokazi ayiseyiwo umuzi, ayisayikwakhiwa futhi kuze kube phakade.


“Ngiyakulenza libe yifa likanondwebu namachibi amanzi, ngilishanele ngomshanelo wencithakalo,” usho uJehova Sebawoti.


Ulandile namuhla ukuthi ungenzele okuhle, njengokuba, lapho uJehova ebenginikele esandleni sakho, awungibulalanga.


Ngiyakukwenza idwala eliyinyabule, ube yindawo yokweneka amanetha; awusayikwakhiwa, ngokuba mina Jehova ngikukhulumile, isho iNkosi uJehova.


Ezangenayo zangena ziyiduna nensikazi zenyama yonke, njengalokho uNkulunkulu emyalile; uJehova wavala emva kwakhe.


Bona umsebenzi kaNkulunkulu, ngokuba ngubani ongelula lokho akugobileyo na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite