Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 12:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla; unesu nokuqonda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 “Ukuhlakanipha namandla kukuye, amasu nokuqonda kungokwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kuye kukhona ukuhlakanipha namandla, uneseluleko nokuqondisisa.

Gade chapit la Kopi




UJobe 12:13
23 Referans Kwoze  

“Bheka, uNkulunkulu unamandla, kepha kadeleli muntu; mkhulu emandleni okuqonda.


Ehlakaniphile enhliziyweni, eqinile emandleni, ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,


Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.


kuyena esabelwa futhi ifa kuye, esakumiselwa ngaphambili ngokwesimiso salowo osebenza izinto zonke ngokunquma kwentando yakhe,


Kimina kukhona ukululeka nempumelelo; ngingukuqonda, nginamandla.


okufihlwe kuye amagugu onke okuhlakanipha nowokwazi.


UDaniyeli wathatha wathi: “Malibongwe igama likaNkulunkulu kusukela kwaphakade kuze kube phakade, ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe;


INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.


akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha, ngokuba ukuqonda kwakhe kuninginingi, uze wazi ukuthi uNkulunkulu, ukuba kube kuhle kuwe, wenza ukuba ikhohlakale inxenye yecala lakho.


awuvamisa kithi ngakho konke ukuhlakanipha nokuqonda,


kepha kubo ababiziweyo, abaJuda namaGreki, sishumayela uKristu, amandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu.


Ngokuba “ngubani owawazi umqondo weNkosi na? Nokuba ngubani owaba ngumeluleki wayo na?”


ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.


Wawenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.


engimemezela ngaphambili okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi: Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami,


Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu, ngubani onika ukuqonda enhliziyweni na?


Kuye kukhona amandla nokusizwa; odukisiweyo nodukileyo bakuye.


Ngamandla akhe uyanyakazisa amanzi; ngokuqonda kwakhe uyachitha uRahabi.


Nokho naye uhlakaniphile, uyakuletha okubi; akayikubuyisa amazwi akhe, kepha uyakuvukela indlu yababi nosizo lwabenza okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite