Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 11:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kuphakeme njengezulu – ungenzani na? Kujulile kunendawo yabafileyo – ungazini na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Kuphakeme kunezulu, ungenzani na? Kujulile kunendawo yabafileyo, ungazini ngakho na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kuphakeme njengesibhakabhaka; yini ongayenza ujule kunesihogo; yini ongakwazi.

Gade chapit la Kopi




UJobe 11:8
17 Referans Kwoze  

“UNkulunkulu akakho ekuphakameni kwezulu na? Bheka inhloko yezinkanyezi ukuthi iphakeme kangaka.


Noma befohla endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.


“Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.


Mabadumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.


Bheka ngasezulwini, ubone, uqaphele amafu aphakeme kunawe.


Indawo yabafileyo ize phambi kwakhe, nendawo yokubhubha ayinasisibekelo.


Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.


“Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela nabantu emhlabeni na? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; pho, kakhulu kangakanani le ndlu encane engiyakhileyo na?


Ifu liphela lihamba; kanjalo owehlele endaweni yabafileyo akasayikukhuphuka.


Isilinganiso sakho side kunomhlaba, sibanzi kunolwandle.


USomandla singemqonde; mkhulu ngamandla nangokwahlulela; ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.


Amasango okufa uwavulelwe, wabona amasango ethunzi lokufa, na?


Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi, ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu; usindisa abantu nezilwane, Jehova.


Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani obophile amanzi engutsheni yakhe na? Ngubani omisile yonke imikhawulo yomhlaba na? Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite