Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 11:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha, ngokuba ukuqonda kwakhe kuninginingi, uze wazi ukuthi uNkulunkulu, ukuba kube kuhle kuwe, wenza ukuba ikhohlakale inxenye yecala lakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha kwakhe, ngokuba ukuhlakanipha kwakhe kubanzi, ukuze wazi ukuthi uNkulunkulu uzokwenza ukhohlwe yingxenye yecala lakho, ukuze kube kuhle kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Futhi ukuze akubonise izimfihlo zokuhlakanipha, ukuthi kuphindwe kabili lokho okuyikho! Yazi-ke ukuthi uNkulunkulu ufuna okuncane kuwe kunalokho okufanele ukona kwakho.

Gade chapit la Kopi




UJobe 11:6
21 Referans Kwoze  

“Ngasemva kwakho konke okufike phezu kwethu ngenxa yezenzo zethu ezimbi, nangecala lethu elikhulu, nangokuba wena Nkulunkulu wethu awusijezisanga ngokufanele izono zethu, wasinika isigaba sabasindileyo njengalesi,


ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli.


bengayaziswanga abantwana babantu ezizukulwaneni ezinye, njengalokhu isiyambuliwe manje kubaphostoli bakhe abangcwele nabaprofethi ngoMoya


ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: “Ngizakuvula umlomo wami ngemifanekiso, ngiphimisele okufihlakeleyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.”


Kepha kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo; wazisile inkosi uNebukadinesari okuyakuba khona ngezinsuku ezizayo. Iphupho lakho nemibono yekhanda lakho embhedeni wakho nakhu:


Uzwile imfihlakalo kaNkulunkulu, wazigodlela wedwa ukuhlakanipha na?


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, lokhu ubunamandla okubonakalisa le mfihlakalo.”


Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo; uyakubazisa isivumelwano sakhe.


Zincane yini kuwe izinduduzo zikaNkulunkulu, nezwi elikhulunywa kahle kuwe na?


Ngokuba ububi bakho buyafundisa umlomo wakho; ukhetha ulimi lwabanobuqili.


Ehlakaniphile enhliziyweni, eqinile emandleni, ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,


“Izimfihlakalo zingezikaJehova uNkulunkulu wethu, kepha okwambuliweyo kungokwethu nokwabantwana bethu kuze kube phakade ukuba siwenze onke amazwi alo mthetho.


Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu.


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha; ukusuka ebubini kungukuqonda.’ ”


Sengathi uNkulunkulu angakhuluma, akuvulele izindebe zakhe,


“Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla; unesu nokuqonda.


Ububi bakho abubukhulu yini? Izono zakho azinakuphela.


“Bheka, ngiyakuphendula ukuthi awuthethanga kahle lokho, ngokuba uNkulunkulu mkhulu kunomuntu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite