Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 11:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Uyakulala, ungethuswa muntu; abaningi bayakuzincengela kuwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Uyakulala, kungabi bikho okuphazamisayo; abaningi bayakuzincengela kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Futhi uyolala phansi, kungekho muntu okwethusayo; yebo, abaningi bayokumangalela.

Gade chapit la Kopi




UJobe 11:19
17 Referans Kwoze  

Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile, nabo bonke abakudelelayo bayakukhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi uMuzi kaJehova neSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


Indodakazi yaseTire, yebo, nabacebileyo babantu bancenga umusa wakho ngesipho.


Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni* likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Usho kanje uJehova, uthi: “Okukhandlekelweyo kwaseGibithe nokuzuziweyo kwaseKushe, nangamaSheba, abantu abade, kuyakungena kuwe, kube ngokwakho; bayakukulandela, bafike beboshwe ngamaketanga, bakhothamele kuwe, bakhuleke kuwe, bathi: ‘UNkulunkulu ukuwe kuphela, akakho omunye, akakho ngaphandle kukaNkulunkulu.’ ”


Baningi abancenga izikhulu; bonke bangabangane bomuntu wezipho.


“ ‘Ngiyakunika ukuthula ezweni, nilale phansi ningesatshiswa muntu; ngiyakuqothula izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyikudabula ezweni lakini.


Uyakuba nokwethemba, ngokuba ithemba likhona; uyakuphendla, ulale ngokulondeka.


Ngizakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.


Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.


Lapho ulala phansi, awuyikwesaba lutho; nanxa usulale phansi, ubuthongo bakho buyakuba mnandi.


eshiyiwe kuze kube phakade, neyakuba ngeyemihlambi ebuthisa khona, ingesatshiswa muntu.


Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile.


Insali yakwa-Israyeli ayisayikwenza okubi, ingakhulumi amanga, kungafunyanwa emlonyeni wabo ulimi olukhohlisayo; yebo, bayakwaluka, babuthise, kungekho obesabisayo.”


Umbuso kaJehoshafati wawusuzola, ngokuba uNkulunkulu wakhe wamnika ukuphumula nxazonke.


Azisayikuba yimpango yabezizwe, nesilwane somhlaba asiyikuzidla, kepha ziyakuhlala zilondekile, zingesatshiswa muntu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite