Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 11:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Umuntu oyize uyakuba nengqondo, nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe ngumuntu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Uma umuntu ongahlakaniphile engaba ngohlakaniphileyo, nethole lembongolo yasendle lingazalwa lingumuntu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngokuba umuntu oyize uyakuba ngohlakaniphileyo, nakuba umuntu ezalwa njengethole lembongolo yasendle.

Gade chapit la Kopi




UJobe 11:12
24 Referans Kwoze  

Kepha wena muntu ongelutho uyathanda ukuqonda ukuthi ukukholwa ngaphandle kwemisebenzi kuyize na?


Ngathi enhliziyweni yami: “Kungenxa yamadodana abantu ukuze uNkulunkulu awavivinye, wona azibonele ukuthi anjengezilwane nje.


ngaba yisiphukuphuku, angaqonda lutho; ngaba yisilwane kuwe.


esasikade sihamba phakathi kwabo sonke ezinkanukweni zenyama yethu, senza intando yenyama neyengqondo; ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabo abanye.


Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.


Bezisho ukuthi bahlakaniphile baba yiziwula,


nembongolo yasendle ejwayele ihlane, esezela umoya ngokukhanuka kwayo; ngubani ongavimbela inkanuko yayo na? Bonke abayifunayo abayikukhathala, bayakuyifumana ngenyanga yayo.


Umuntu oyisilima angekucabange, nesiwula asikuboni.


Bheka, ngazalelwa ebubini, umame wangithabatha esonweni.


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha; ukusuka ebubini kungukuqonda.’ ”


Uyini umuntu ukuba abe ngohlambulukileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba alungisiswe, na?


Imbongolo yasendle iyakhala yini inotshani na? Inkabi iyakhonya isekudleni kwayo na?


Uyabamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo; isiluleko soyisigwegwe siyachithwa ngokuphuthuma.


Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela*


Nxa ulaya umuntu ngesijeziso ngenxa yeziphambeko, ubuhle bakhe ubenza buphele njengenundu; yilowo nalowo muntu ungumoya nje. Sela*


Umuntu ufana nomoya; izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.


“Ize leze,” usho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize.”


Khipha usizi enhliziyweni yakho, udlulise okubi emzimbeni wakho, ngokuba ubusha nobunsizwa buyize.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite