Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 10:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ake ukhumbule ukuthi ungenzile njengebumba; pho, uyakungibuyisela othulini na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ake ukhumbule ukuthi nguwe owangibumba njengobumba, pho uyakungibuyisela othulini na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Khumbula ukuthi wangenza njengobumba; futhi uzongibuyisela othulini na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 10:9
25 Referans Kwoze  

UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; kanjalo umuntu waba umphefumulo ophilayo.


Kepha manje, Jehova, unguBaba; thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu, singumsebenzi wesandla sakho sonke.


Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”


uthuli lubuyele emhlabathini, njengokuba lwalunjalo, umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.


“Bengingenze kinina ndlu ka-Israyeli njengalo mbumbi na?” usho uJehova. “Bhekani, njengebumba esandleni sombumbi, ninjalo esandleni sami nina ndlu ka-Israyeli.


Nokuba akanamandla yini umbumbi ebumbeni ukwenza ngesigaxa sisinye isitsha esinye esihloniphekayo nesinye esingahloniphekiyo na?


“Wo kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlaba! Ibumba liyakusho kolibumbayo ukuthi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho ukuthi: ‘Akanazo izandla,’ na?


Ngikhumbule, Jehova, ngomusa onawo kubantu bakho, ungihambele ngensindiso yakho,


Uyambuyisela umuntu othulini, uthi: “Buyani, bantwana babantu.”


Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani nokuthi wadalela ize bonke abantwana babantu.


Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami, ungithethelele zonke izono zami.


Amandla ami omile njengodengezi; ulimi lwami lunamathela olwangeni lwami; ungibeka othulini lokufa.


ngibize ukubola ngokuthi ubaba nezimpethu ngokuthi umame nodadewethu,


Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya; iso lami aliyikubuye libone okuhle.


Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, bungabi ngobuvela kithi.


kakhulu kangakanani abahlezi ezindlini zodaka, abazisekelo zabo zisothulini, abachotshozwa njengenundu.


Awuthetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami, na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini; uyakungifunisisa, kepha angiyikubakho.”


Awungithululanga njengobisi, wangijiyisa njengoshizi,* na?


Bheka, nginjengawe maqondana noNkulunkulu: ngibunjiwe nami ngebumba.


inyama yonke ibiyakufa kanyekanye, umuntu abuyele othulini.


Wakhumbula ukuthi bayinyama, bangumoya odlulayo ongabuyiyo.


Uyasitheza ubuso bakho, zethuke; uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.


Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.


Kwakungekho owalibiza igama lakho, owazivusela ukubambelela kuwe, ngokuba wabusitheza ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite