Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 10:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 noma ukwazi ukuthi angimubi nokuthi akakho ongophula esandleni sakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 noma wazi kahle ukuthi anginacala, futhi akekho ongangihlenga esandleni sakho na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Uyazi ukuthi angiyena omubi; futhi akakho ongophula esandleni sakho.

Gade chapit la Kopi




UJobe 10:7
35 Referans Kwoze  

“ ‘Bonani manje ukuthi mina, yebo, mina nginguye, akakho unkulunkulu ngaphandle kwami; mina ngiyabulala, besengiphilisa, ngilimazile, kepha ngiyakupholisa; akakho ongophula esandleni sami.


Nina ningofakazi, naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki,


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami.


Sengiyakwambula ihlazo lakhe emehlweni ezithandwa zakhe; akuyikubakho omophula esandleni sami.


Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu oyakunikhulula ezandleni zami na?”


“Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu, funa nginidwengule, kungabikho osindisayo.


Uyalinga inhliziyo yami; ungihambele ebusuku, uyangihlolisisa, awufumani lutho; ngiyahlosa ukuba umlomo wami ungaphambuki.


Jehova Nkulunkulu wami, uma ngikwenzile lokho, uma kukhona okubi ezandleni zami,


Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kodwa indlela yababi yobhubha.


Kwathi lapho uJehova esekhulumile lawo mazwi kuJobe, uJehova wathi ku-Elifazi umThemani: “Intukuthelo yami iyavuthela wena nabangane bakho ababili, ngokuba anikhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.


sengathi angaba khona ongizwayo nantu uphawu lwami, makangiphendule uSomandla – ngibe nencwadi ayilobileyo omelana nami!


ngiyakwenze njani, lapho uNkulunkulu evuka, nalapho engiphenya, ngingaphendula ngokuthini na?


mangilinganiswe ngesilinganiso esilungileyo, ukuze uNkulunkulu azi ukuphelela kwami.


Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide.


“UNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, uyakwazi, no-Israyeli futhi uyakukwazi ukuthi uma kwakungokuhlubuka noma kungokuphambuka kuJehova, ungasisindisi namuhla


Bheka, uyabamba; ngubani ongamkhalima na? Ngubani ongasho kuye ukuthi: ‘Wenzani na?’


Anginasici; anginakekeli umphefumulo wami; anginanzi ukuphila kwami.


Ukuphela kunye nje; ngalokho ngithi: ‘Uyaqeda ongenasici kanye nomubi.’


Uma nginecala, maye kimi! Noma bengilungile, bengingayikuphakamisa ikhanda lami, lokhu ngisuthi ngehlazo, ngibona ukuhlupheka kwami.


Ngokuba uthi: ‘Ukufundisa kwami kulungile; ngimhlophe emehlweni akho.’


Bhekani-ke, sengilungisile ukwahlulelwa kwami; ngiyazi ukuthi ngiyakuthethwa mina.


Uyacibishelwa engahawukelwa; uyabaleka nokubaleka esandleni sakhe.


Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe.


Ngimsulwa, anginasiphambeko; ngimhlophe, akukho okubi kimi.


Imbala uyachitha ukwahlulela kwami, ungilahle ukuba ube ngolungileyo, na?


Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.


Yebo, kwasendulo nginguye; akakho ongophula esandleni sami; lapho ngisebenza, ngubani ongakuvimbela na?”


Ngokuba ngiyakuba njengengonyama ku-Efrayimi, nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda; mina yebo, mina ngiyakudwengula, besengimuka; ngiyakususa, kungekho owophulayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite