Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 10:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 ngingakayi lapho ngingasayikubuya khona, izwe lobumnyama nelomthunzi wokufa,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 ngaphambi kokuba ngihambe, ngingaphinde ngibuye, ngiye ezweni lobumnyama nesigayegaye,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngaphambi kokuba ngihambe, lapho engingayikubuyela khona, ngisho ezweni lobumnyama nethunzi lokufa;

Gade chapit la Kopi




UJobe 10:21
21 Referans Kwoze  

Ubumnyama nethunzi lokufa maluphiwe khona, kuhlale ifu phezu kwalo; okwenza mnyama usuku makulwesabise.


Manje usefile; ngiyakuzilelani na? Ngingambuyisa yini? Ngiyakuya kuye, kepha yena akayikubuyela kimi.”


Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.


Ngokuba iyingcosana iminyaka eyakubalwa, ngingakahambi indlela engingayikubuya kuyo.


Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakuqoqwa futhi; uNkulunkulu akasusi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.


Abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova owasikhuphula ezweni laseGibithe, wasihola ehlane ezweni lezingwadule nelemigodi, ezweni elomileyo nelethunzi lokufa, ezweni elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona, na?’


Ngathi: “Angiyikumbona uJehova, uJehova ezweni labaphilayo; angisayikubuka muntu nginabakhileyo bezwe.


Ungibekile emgodini ojulile kunayo yonke, ebumnyameni, otweni.


Ngokuba kalokhu ngakube ngilele, ngithule; khona ngakube ngilele ubuthongo nginokuphumula


izwe lobumnyama obunjengesigayegaye nelomthunzi wokufa nelesiphithiphithi, lapho ukukhanya kunjengobumnyama.’ ”


Abukho ubumnyama, nethunzi lokufa alikho, lapho abenza okubi bengacasha khona.


Amasango okufa uwavulelwe, wabona amasango ethunzi lokufa, na?


Yeka ukungibuka, ngize ngincibilike, ngingakamuki lapha, ngingabe ngisabakho.”


Uma ngithemba ukuthi indawo yabafileyo iyindlu yami, ngendlalele ukhukho lwami ebumnyameni,


Umuntu onodumo engenakuqonda unjengezilwane ezibhubhayo.


Kepha mina, Jehova, ngikhala kuwe; ekuseni umkhuleko wami uyenyuka phambi kwakho.


Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


Noma umuntu ekhona iminyaka eminingi, makathokoze ngayo yonke, akhumbule nokho nezinsuku zobumnyama ukuthi njengokuba ziziningi, konke okufikayo kuyize.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite