Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 1:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Wena awumbiyelanga yini yena nendlu yakhe nakho konke okwakhe nxazonke, wabusisa umsebenzi wezandla zakhe na? Impahla yakhe yandile emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Kanti awumbiyelanga yini nxazonke ngothango, yena nabomndeni wakhe, nakho konke anakho, wabusisa nomsebenzi wezandla zakhe na? Imfuyo yakhe iwuchibidolo ezweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kawunalo yini uthango nxazonke zakhe lendlu yakhe laphezu kwakho konke akwenzileyo inhlangothi zonke? Wawubusisa umsebenzi wezandla zakhe, nempahla yakhe yanda ezweni.

Gade chapit la Kopi




UJobe 1:10
29 Referans Kwoze  

Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.


‘Kepha mina,’ usho uJehova, ‘ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke, futhi ngibe yinkazimulo phakathi kwalo.’


nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti ongithumile ukulanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaziniphanga ngokuba othinta nina uthinta inhlamvu yeso lakhe uthi:


uma ngithokozile, ngokuba imfuyo yami inkulu nangokuba isandla sami sithole okuningi;


Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Wababusisa, banda kakhulu, akanciphisa izinkomo zabo.


Yebo, ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu, umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu; yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise.


akuthande, akubusise, akwandise, abusise nenzalo yesisu sakho, nesithelo somhlabathi wakho, namabele akho, newayini lakho, namafutha akho, nenzalo yezinkomo zakho, nokwanda kwezimvu zakho ezweni alifungela oyihlo ukuninika lona.


U-Isaka watshala kulelo zwe, wathola ngawona lowo mnyaka okuphindwe kayikhulu, ngokuba uJehova wambusisa.


Sengiyakunitshela engiyakukwenza kuso isivini sami: ngiyakususa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngidilize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.


wasimba, wakhipha amatshe aso, wasitshala ngomvini omuhle, wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso, waqopha isikhamo kuso, wethemba ukuthi siyakuthela izithelo zomvini, kepha saveza izithelo zasendle.


babe lugange kithi ubusuku nemini, sonke isikhathi sinabo salusa izimvu.


UNkulunkulu wasendulo uyisiphephelo, nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho, wathi: ‘Chitha.’


Yandisa udumo lwami, ubuye ungiduduze.


Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe; waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.


ngoNkulunkulu kayihlo ozakukusiza, ngoSomandla ozakukubusisa ngezibusiso zasezulwini phezulu, nangezibusiso zasotweni olukhona phansi, nangezibusiso zamabele nezesizalo.


Yayisikhula kakhulu impela le ndoda, yaba nemihlambi emikhulu, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.


Ngokuba kwakukuncane okwakho ngingakafiki; kepha kwandile, sekukuningi; uJehova ukubusisile ezinyathelweni zami; manje ngiyakuyisebenzela nini eyami indlu na?”


Uzidilizeleni izintango zawo, baze bawukhe bonke abadlula ngendlela, na?


Ngokuba wena Jehova uyambusisa olungileyo; umphahla ngomusa njengesihlangu.


lapho izinyathelo zami zagezwa ngamangqanga, nedwala elalingakimi langithelela imifula yamafutha.


Busisa, Jehova, amandla akhe, uyamukele imisebenzi yezandla zakhe; sicila ukhalo lwabo abamvukelayo, nolwabamzondayo, ukuba bangaphindi bavuke.”


Kusukela kuleso sikhathi embeke ngaso ukuba abe yinduna phezu kwendlu yayo naphezu kwakho konke okwayo, uJehova wabusisa indlu yowaseGibithe ngenxa kaJosefa; isibusiso sikaJehova sasikukho konke okwayo endlini nasensimini.


Impahla yakhe yayiyizimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu, nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga.


“Sengathi nga nginjengasezinyangeni zakuqala, njengasemihleni uNkulunkulu angigcina ngayo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite