Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 9:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo, lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo kumakhelwane wabo, kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo, lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo komakhelwane babo, kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ulimi lwabo lunjengomcibisholo obulalayo; likhuluma inkohliso: umuntu ukhuluma ukuthula kumakhelwane wakhe ngomlomo wakhe, kodwa enhliziyweni ubeka umlindo wakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 9:8
21 Referans Kwoze  

Ungangimukisi kanye nababi nabenza okubi abakhuluma ukuthula nabakhelwane babo, kanti kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.


“Bagobela umnsalo wolimi lwabo amanga, abaqinelanga iqiniso ezweni; kepha basuka kokubi, baya kokubi; mina-ke abangazi,” usho uJehova.


Uyakuvuzwa ngani, uyakwenezelelwani wena lulimi lwenkohliso, na?


Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama; ngilala kwabavutha umlilo, abantwana babantu abamazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi lwabo luyinkemba ebukhali.


Umlomo wakhe ubushelezi kunephehlwa, kepha inhliziyo yakhe iyimpi; amazwi akhe athambile kunamafutha; nokho ayizinkemba ezikhokhiweyo.


Bakhuluma amanga, kwaba yilowo nalowo kumakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo bakhuluma nganhliziyombili.


U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa, wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


Yilowo nalowo uyakhohlisa umakhelwane wakhe, abakhulumi iqiniso; bazifundisile izilimi zabo ukukhuluma amanga, bazikhathaza ngokwenza okubi.


“Ngokuba phakathi kwabantu bami kufunyanwa ababi, baqamekela njengabacuphayo nabalinda izinyoni, babeke ugibe, babambe abantu.


Bayakuwiswa, baficwe lulimi lwabo; bonke abababonayo bayonikina ikhanda.


Ngokuba abakhulumi ukuthula, kepha baqamba amazwi enkohliso ngabazithuleleyo emhlabeni.


Umuntu ofakazela amanga ngomakhelwane wakhe uyisando, nenkemba, nomcibisholo obukhali.


“Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe, ningethembi nakumfowenu, ngokuba abafowenu bonke bayaqinela, nabo bonke abakhelwane bayahambahamba behleba.


“Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova, nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.


UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi amakhulu,


Mphefumulo wami, zithulisele kuNkulunkulu kuphela, ngokuba ithemba lami livela kuye.


Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite