Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 9:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Yilowo nalowo uyakhohlisa umakhelwane wakhe, abakhulumi iqiniso; bazifundisile izilimi zabo ukukhuluma amanga, bazikhathaza ngokwenza okubi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Yilowo nalowo ukhohlisa umakhelwane wakhe, abalikhulumi iqiniso; ulimi lwabo balufundise ukukhuluma inkohliso, bazikhathaza ngokwenza okubi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Futhi bayakukhohlisa, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, bangakhulumi iqiniso;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 9:5
32 Referans Kwoze  

Bheka, akuveli kuJehova Sebawoti ukuthi abantu bakhandlekela umlilo, izizwe zizikhathaze ngokuyize, na?


“Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova, nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.


Wakhathala ngobude bendlela, kepha awushongo ukuthi: ‘Kuyize.’ Wathola amandla aneleyo, ngalokho awuphelanga amandla.


Ngokuba ububi bakho buyafundisa umlomo wakho; ukhetha ulimi lwabanobuqili.


ngokuzenzisa kwabaqamba amanga abashiswe uphawu kunembeza wabo,


Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, lokhu singamalungu omunye komunye.


“Bantu bami, ngenzeni kini; kuyini enginikhathaze ngakho na? Ngiphenduleni.


Ngizikhathazile ngeze, nokho ukugqwala kwalo okuningi akuphumanga kulo; ukugqwala kwalo kumelwe kube semlilweni.


Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo, lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo kumakhelwane wabo, kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.


“Bagobela umnsalo wolimi lwabo amanga, abaqinelanga iqiniso ezweni; kepha basuka kokubi, baya kokubi; mina-ke abangazi,” usho uJehova.


Wo kubona abadonsa ukona ngezintambo zamanga, nezono kungathi ngamagoda ezinqola,


Ngokuba abalali, uma bengenzanga okubi; ubuthongo buyasuswa, uma bengakhubekisanga muntu.


Bayalola ulimi lwabo njengenyoka; isihlungu samabululu siphansi kwezindebe zabo. Sela*


abalola ulimi lwabo njengenkemba, bakhombe imicibisholo yabo engamazwi ababayo


Umlomo wakho uwuyekela ebubini; ulimi lwakho luqamba inkohliso.


Unemihelo ngobubi; ukhulelwe ngukona, uzala amanga.


Ukugavuza kwakho kuthulisa abantu na? Nalapho ukloloda, akakho ongakuhlaza na?


Amadoda ayephandle kwendlu awashaya ngobumpumputhe, amancane namakhulu, aze akhathala ukufuna umnyango.


Uthanda okubi kunokuhle, namanga kunokukhuluma ukulunga. Sela*


Uyakuthi kubo: ‘Yilesi sizwe esingalilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu waso, singamukelanga ukulaywa; iqiniso libhubhile, linqunyiwe emlonyeni waso.


Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, nabo bamemeza kakhulu emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”


Bahlwanyele ukolweni, bavuna ameva, bakhandlekile bengasizakalanga; yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zenu ngenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.”


UmKushe angasiguqula isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo, na? Khona ningenza okuhle nina enifundisiwe ukwenza okubi.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ugange olubanzi lwaseBabele luyakubhidlizwa nokubhidlizwa, namasango alo aphakemeyo ayakushiswa ngomlilo; abantu bakhandlekela ize nezizwe okomlilo, zikhathale.”


uthi: ‘Kanjalo iBabele liyakushona, lingabe lisavuka ngenxa yokubi engiyakulehlisela khona, lidangale.’ ” Kuphela lapha amazwi kaJeremiya.


“Asinaye ubaba munye thina sonke? Asidalwanga nguNkulunkulu munye na? Sikhohlisanelani, kube yilowo nomfowabo, sisingcolisa isivumelwano sawobaba na?


Naso sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise; savela esinye isizukulwane emva kwaso esasingamazi uJehova nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli.


Imicabango yabalungileyo ingeyokwahlulela, kepha iziluleko zababi ziyinkohliso.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bahlakaniphele ukwenza okubi, kepha ukwenza okuhle kabakwazi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite