Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 9:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila, namadlelo asehlane ukulilisela, ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo, kungezwakali ukukhonya kwezinkomo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ngiyakukhala, ngilile ezintabeni, nasemadlelweni asehlane, ngikhihle isililo; ngokuba aqothuliwe, akukho muntu owedlula kuwo, akuzwakali nakukhala kwemfuyo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Phezu kwezintaba ngiyophakamisa ukukhala nokulila, nesililo phezu kwezindawo zokuhlala zasogwadule, ngoba zishisiwe, ukuze kungabikho muntu odlula kuzo; futhi abantu abakwazi ukuzwa izwi lezinkomo; kwabaleka izinyoni zezulu nezilwane; sebehambile.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 9:10
30 Referans Kwoze  

Koze kube nini izwe lidabuka, nemifino yonke yasendle ibuna, na? Ngobubi babakhileyo khona izinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi: “Akayikubona ukugcina kwethu.”


Ngalokho izwe liyakudabuka, bonke abakhe kulo badangale kanye nezilwane zasendle nezinyoni zezulu; yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.


Ngiyakwenza izwe libe yincithakalo nokuyize, kuphele ukuzidla kwamandla alo; izintaba zakwa-Israyeli ziyakuchithwa ukuze kungabikho odlulayo.


Akuyikudabula kulo unyawo lomuntu, akuyikudabula kulo unyawo lwesilwane, aliyikuhlalwa iminyaka engamashumi amane.


“Uma ngidabulisa izilwane ezimbi ezweni, ziliphange libe yincithakalo, ukuze kungadluli muntu ngenxa yezilwane,


Abelusi abaningi basichithile isivini sami, basinyathele phansi isabelo sami, benze ifa lami elinxanelekayo ihlane elichithakeleyo.


Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, wenze isililo emadulini angenalutho, ngokuba uJehova usalile, wasilahla isizukulwane sentukuthelo yakhe.


Amehlo ami ayaphela izinyembezi, izibilini zami ziyaxhaphazela; isibindi sami sithululelwe emhlabathini ngenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami, ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.


“Ngiyakhala ngalokhu; iso lami, iso lami liyamululeka izinyembezi, ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami. Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.”


Ngokuba izwe ligcwele iziphingi; izwe liyadabuka ngenxa yesiqalekiso; amadlelo asehlane omile. Ukuhamba kwabo kubi, namandla abo awalungile.


Izimbongolo zasendle ziyema emadulini angenalutho, zihogela umoya njengamakhanka; amehlo azo ayaphela, ngokuba kungekho tshani.”


Alunakududuzeka kimi usizi oluphezu kwami, inhliziyo yami idangele.


Abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova owasikhuphula ezweni laseGibithe, wasihola ehlane ezweni lezingwadule nelemigodi, ezweni elomileyo nelethunzi lokufa, ezweni elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona, na?’


“Ngokuba izindawo zakho ezichithekileyo neziyize nezwe lakho eliqothuliweyo kuyakuminyana ngabakhileyo khona, nabakugwinyileyo bayakuba kude.


“Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube yisibhulo esisha esibukhali esinamazinyo; uyakubhula izintaba, uzicolisise, wenze amagquma abe njengamakhoba.


Ngokuba kukhuphukela kulo isizwe sivela enyakatho, esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo, kungabikho ohlala kulo; abantu nezilwane kuyakubaleka, kuhambe.


“Wena ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngeTire,


Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze-altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka, zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.


Ngikhala kuwe Jehova, ngokuba amadlelo asehlane adliwe ngumlilo, nelangabi lishisile yonke imithi yasendle.


Zwanini leli zwi engiliphakamisa phezu kwenu libe yisililo ngendlu ka-Israyeli.


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, iNkosi, uthi: “Ezigcawini zonke kuyakuba khona ukukhala, nakuzo zonke izitaladi bayakusho ukuthi: ‘Maye, maye!’ babize umlimi ukuba akhale, nabaziyo izililo ukuba balile;


Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani, bakhale isililo, bathi: ‘Sichithiwe nokuchithwa; isabelo sabantu bami sinikwa omunye; yeka ukubuya kwakhe kimi; abahlubuki babelwa amasimu ethu.’ ”


Amabhongo ezingonyama abhongile phezu kwakhe, akhonya, alenza izwe lakhe laba yincithakalo; imizi yakhe ishisiwe, kungekho owakhe kuyo.


Basenze incithakalo; siyincithakalo, sikhala kimi; izwe lonke lichithiwe, kepha akakho okubeka enhliziyweni.


ngenxa yentaba yaseSiyoni echithekile, zize zihambe kuyo izimpungushe.


Kuzo zonke izindawo zokuhlala kwenu imizi iyakuchithwa, izindawo eziphakemeyo zibe yincithakalo ukuba kuchithwe ama-altare enu, achitheke, kwaphulwe izithombe zenu ziphele, ama-altare enu empepho abhidlizwe, imisebenzi yenu ihlangulwe.


Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite