Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 8:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Nonogolantethe emkhathini uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo, ihobhe, nenkonjane, nonohemu bagcina isikhathi sokufika kwabo, kepha abantu bami abazazi izahlulelo zikaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Unogolantethe emkhathini uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo; ihobhe, ihhashi, inkonjane, nonohhemu, kuyazigcina izikhathi zokufika kwakho; kodwa abantu bami kabazazi izimiso zikaSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Yebo, unogolantethe ezulwini uyazazi izikhathi zakhe ezimisiwe; nehobhe nenkonjane kuyasigcina isikhathi sokufika kwazo; kepha abantu bami abawazi ukwahlulela kukaJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 8:7
10 Referans Kwoze  

Inkabi iyamazi umniniyo nembongolo umkhombe womnikaziyo; u-Israyeli akazi, isizwe sami asiqondi.”


Ihabu* nogubhu, isigubhu negenkle, newayini kukhona emadilini abo, kepha abanakekeli imisebenzi kaJehova, nezenzo zezandla zakhe abaziboni.


izimbali ziyabonakala emhlabeni, nesikhathi sokuthena imivini sesisondele, nezwi lehobhe liyezwakala ezweni lakithi.


Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa, kufike abesifazane, baphembe umlilo kuwo, ngokuba bangabantu abangenakuqonda; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo.


Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwaphuma abesifazane ababili, umoya usemaphikweni abo; babe namaphiko njengamaphiko kanogolantethe, baliphakamisa i-efa emkhathini wezulu nomhlaba.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bahlakaniphele ukwenza okubi, kepha ukwenza okuhle kabakwazi.”


Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya, babhujiswe yimpisi yasehlane, ingwe iyiqamekele imizi yabo, badatshulwe bonke abaphuma kuyo, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlehla kwabo kwandile.


Ngalokho umthetho uba buthakathaka, nokwahlulela akuphumi kuze kube nini, ngokuba omubi uhaqa olungileyo; ngalokho ukwahlulela kuphuma kuhlanekezelwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite