Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 8:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngaqaphela, ngezwa; abakhulumanga kahle; akakho ozisola ngobubi bakhe, ethi: “Ngenzeni na?” Bonke baphendukela emisebenzini yabo njengamahhashi aphulukundlela empini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Ngiqaphelisisile, ngezwa; abalikhulumi iqiniso; akekho ophendukayo ebubini bakhe, ethi: “Ngikwenzeleni lokhu na?” Bonke bazihambela ezindleleni zabo, njengamahhashi ephulukundlela empini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngalalela ngezwa, kodwa abazange bakhulume kahle; akakho owaphenduka ebubini bakhe wathi: Ngenzeni na? yilowo nalowo waphendukela endleleni yakhe, njengoba ihhashi lingena emncintiswaneni.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 8:6
24 Referans Kwoze  

UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantu ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo, ofuna uNkulunkulu.


Ngokuba ebona, abuye ezeqweni zakhe zonke azenzileyo, uyakuphila nokuphila, angafi.


INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.


Khona abamesabayo uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye; uJehova waqaphela, wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.


Abathembekileyo babhubhile emhlabeni, akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.


Kepha abaseleyo babantu abangabulawanga ngalezo zinhlupho abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo ukuba bangakhuleki kuwo amademoni, nezithombe zegolide, nezesiliva, nezethusi, nezamatshe, nezemithi, ezingenakho ukubona, nakuzwa, nakuhamba,


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu.


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu.


“Ngafuna kubo umuntu wokubiya uthango, eme esikhaleni ngaphambi kwami ngenxa yezwe ukuba ngingalichithi, kepha angimfumananga.


“Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema, nibone nazi, nicinge ezigcawini, uma ningafumana umuntu, uma kukhona owenza ukwahlulela, ofuna iqiniso; bese ngilithethelela.


Wabona ukuthi akukho muntu, wamangala ukuthi wayengekho omelayo; yayisimsindisa ingalo yakhe, nokulunga kwakhe kwamphasa.


Ngalokho uJehova uyakulindela ukuba abe nomusa kini; nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamhlalelayo.


Ngiyakusho kuNkulunkulu ukuthi: ‘Ungangilahli; ngazise ukuthi uphikisanelani nami na?


“Ngizwile ukuthi bathini abaprofethi abaprofetha amanga egameni lami, bethi: ‘Ngiphuphile, ngiphuphile.’


“Ngokuba ukhona oke wathi kuNkulunkulu: ‘Ngithweswe icala noma ngingonanga, na?


Lokhu engingakuboni, ngifundise khona; uma ngenzile okubi, angisayikukuphinda.’


Ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe ngathukuthela, ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele, kepha waqhubeka wahlubuka ngendlela yenhliziyo yakhe.


Uyakuhlala enentukuthelo njalonjalo, ayigcine kuze kube nini na?’ Bheka, ukhuluma kanjalo; uyenza okubi, uyaphumelela.”


Wonke u-Israyeli weqile umthetho wakho, echezuka ukuze bangalilaleli izwi lakho; ngalokho isiqalekiso sithululwe phezu kwethu kanye nesifungo esilotshiwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye.


Ngathi: ‘Nokho uyakungesaba, wamukele ukulaywa.’ Indawo yawo yokuhlala ayiyikunqunywa, kungenzeki konke engiwumisele khona; kepha bavuka ekuseni, benza okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite