Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 8:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bahlehlelani laba bantu baseJerusalema ngokuhlehla njalonjalo na? Babambelela enkohlisweni, bala ukubuya.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Pho kungani laba bantu baseJerusalema bephendukile, bahlubuka njalonjalo na? Babambelela enkohlisweni, benqaba ukubuya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kungani laba bantu baseJerusalema behlehliswa ukuhlubuka kwaphakade? babambelele enkohliso, bayala ukubuya.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 8:5
26 Referans Kwoze  

Uhlala phakathi kwenkohliso; ngenkohliso bayala ukungazi,” usho uJehova.


Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na? Ubashayile, kepha abadabukanga; ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa; benza lukhuni ubuso babo kunetshe, bala ukuphenduka.


“Kepha bala ukulalela, baphekula ihlombe, benza izindlebe zabo zaba buthuntu ukuba bangezwa.


Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini,


Kepha anivumi ukuza kimi ukuba nibe nokuphila.


Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi; noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani, akakho oziphakamisayo.


Njengendlwana yezinyoni igcwele zona, kanjalo izindlu zabo zigcwele inkohliso; ngalokho bakhulile, bacebile.


Udla umlotha; inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile; akanakophula umphefumulo wakhe nokuba athi: “Akukho yini amanga kwesokunene sami na?”


abathi kubaboni: “Ningabe nisabona,” nakubaprofethi: “Ningasiprofetheli okuqinisileyo, kepha khulumani kithina okuthophayo, niprofethe inkohliso;


kepha lokho eninakho, kubambisiseni ngize ngifike.


vivinyani konke, nibambisise okuhle;


Ngokuba u-Israyeli unenkani njengesithole; uJehova angabelusa njengemvana endaweni ebanzi na?


Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo, nomakoti ixhama lakhe, na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.


kepha uma nala, nihlubuka, niyakudliwa yinkemba,” ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.


Bambelela ekulayweni, ungakuyeki; kulonde, ngokuba kungukuphila kwakho.


Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya, babhujiswe yimpisi yasehlane, ingwe iyiqamekele imizi yabo, badatshulwe bonke abaphuma kuyo, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlehla kwabo kwandile.


Noma izono zethu zifakaza ngathi, sebenza, Jehova, ngenxa yegama lakho; ngokuba ukuhlehla kwethu kuningi, sonile kuwe.


Wonke u-Israyeli weqile umthetho wakho, echezuka ukuze bangalilaleli izwi lakho; ngalokho isiqalekiso sithululwe phezu kwethu kanye nesifungo esilotshiwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye.


Uyakuhlala enentukuthelo njalonjalo, ayigcine kuze kube nini na?’ Bheka, ukhuluma kanjalo; uyenza okubi, uyaphumelela.”


Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu, ngithi: ‘Qaphelani ukukhala kwecilongo,’ kepha bathi: ‘Asiyikukuqaphela.’


Yizwa wena mhlaba ukuthi: Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu, izithelo zemicabango yabo, ngokuba abaqaphelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.


“Abayikubuyela ezweni laseGibithe, owase-Asiriya abe yinkosi yabo, ngokuba benqaba ukubuya, na?


Manje benezela ekoneni, bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo nezithombe ngokuqonda kwabo, zonke ziyimisebenzi yezinyanga; bakhuluma ngabo, bathi: “Bahlaba abantu, kepha banga amathole.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite