Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 8:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ngokulimala kwendodakazi yabantu bami ngilimele; ngidabukile, ukumangala kungibambile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Ngilimele ngokulinyazwa kwendodakazi yabantu bami, ngiyalila, ukwesaba kungikhungethe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngokuba ngidabukile ngokuhlushwa kwendodakazi yabantu bami; Ngimnyama; ukumangala kungibambe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 8:21
14 Referans Kwoze  

“Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi: “ ‘Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele ngokulimala okukhulu, ngokushaywa okunzima kakhulu.


Liyize, alisenalutho, lichithekile; inhliziyo iyancibilika, amadolo ayashayana, imihelo isezinkalweni zonke, nobuso babo bonke buphaphathekile.


Phambi kwabo abantu bayathuthumela, bonke ubuso buyaphaphatheka.


Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi, namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bami imini nobusuku.


Zibilini zami, zibilini zami, nginobuhlungu enhliziyweni yami; inhliziyo yami ikhala phakathi kwami, anginakuthula, ngokuba ulizwile, mphefumulo wami, izwi lecilongo, ukuhlatshwa komkhosi wempi.


Kwathi esondela, ewubona umuzi, wawukhalela.


Mina-ke angiyekanga ukwalusa ngokukulandela, futhi angilufisanga usuku olwesabekayo; wena uyazi; okwaphuma emlonyeni wami kwakuphambi kobuso bakho.


Ngathi enkosini: “Mayime njalo inkosi; ubuso bami bungebiphe ngani, lapho umuzi, indawo yamathuna awobaba, uchithekile namasango awo eshiswe ngomlilo, na?”


“Ukuvuna kudlulile, ihlobo liphelile, kepha thina asisindiswanga.”


“UJuda uyalila, amasango akhe adangele, ahlezi emhlabathini edabukile, nokukhala kweJerusalema kwenyukile.


Ngingumuntu obone ukuhlupheka ngentonga yentukuthelo yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite