Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 8:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 baweneke elangeni nasenyangeni nakulo lonke ibandla lasezulwini, abakuthandile, bakukhonza, bakulandela, bakufuna, bakhuleka kukho; awayikubuthwa, awayikumbelwa, ayakuba ngumquba ebusweni bomhlabathi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 ‘Bayowaneka elangeni nasenyangeni nakuzo zonke izinkanyiso zezulu, ababekuthanda, bekukhonza, bekulandela, bebuza kukho, futhi bekhuleka kukho. Awayukubuthwa, awayukwembelwa; ayakuba njengendle ebusweni bomhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Bayowendlala phambi kwelanga nenyanga naphambi kwebandla lonke lasezulwini ababelithanda nababelikhonza, ababelilandela, ababelifuna, bekhuleka; abayikubuthwa, bangangcwatshwa; bazakuba semhlabeni ukuze babe ngumquba.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 8:2
32 Referans Kwoze  

Yabasusa abapristi bezithombe amakhosi akwaJuda abamisele ukushisa impepho ezindaweni eziphakemeyo emizini yakwaJuda nanxazonke zeJerusalema, kanye nabashisa impepho kuBali nakulo ilanga nenyanga nezinkanyezi nalo lonke ibandla lasezulwini.


Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabadedela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaprofethi ukuthi: “ ‘Naningilethela iminikelo nemihlatshelo iminyaka engamashumi amane ehlane nina ndlu ka-Israyeli na?


Khuluma! “Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Izidumbu zabantu ziyakuwa njengomquba endle, nanjengesithonto emva komvuni, kungekho okubuthayo.’ ”


funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu, uyengwe, uze ukhuleke kukho, ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.


nabakhuleka kulo ibandla lasezulwini phezu kwezindlu, nabakhuleka kuJehova bemfunga, befunga futhi uMilkomu,


Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi lendlu kaJehova; bheka, ngasemnyango wethempeli likaJehova phakathi kompheme ne-altare kwakukhona kungathi amadoda angamashumi amabili nanhlanu efulathele ithempeli likaJehova, ubuso bawo bubhekene nempumalanga, ekhonza ilanga ngasempumalanga.


Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi inkosi yakwaJuda, uthi: Akayikuba namuntu wokuhlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide; isidumbu sakhe siyakuntshingwa ekushiseni kwasemini nasesithwathweni sasebusuku.


Uyakumbelwa ngokumbelwa kwembongolo, ahudulwe alahlwe ngale kwamasango aseJerusalema.


izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda, ezoniweyo, ziyakuba njengeThofeti, yebo, zonke izindlu, abashisele ibandla lasezulwini impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa.’ ”


“Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.”


ababhubhela e-Eni Dori, baba ngumquba womhlabathi.


Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azichithile; wamisela uBali ama-altare, wenza u-Ashera* njengokwenza kuka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.


Ngiyakucindezela abantu, bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuJehova; igazi labo liyakuthululwa njengothuli, nenyama yabo njengomquba.


Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, ehamba iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa umphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,


Wakhela nalo lonke ibandla lasezulwini ama-altare emagcekeni omabili endlu kaJehova.


Bashiya yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabili, benza no-Ashera,* bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBali.


wahamba, wakhonza abanye onkulunkulu, wakhuleka kubo, noma ilanga, noma inyanga, noma ibandla lezulu, engingayalanga ngakho,


Besaba nokwesaba, lapho kungekho okwesabisayo; ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe; wena ubajabhisile, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.


Abantu abaprofetha kubo bayakuphonswa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba; abayikuba namuntu wokubembela, bona nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngiyakuthela okubi kwabo phezu kwabo.


Usuyakusho kubo ukuthi: ‘Ngenxa yokuba oyihlo bangishiyile,’ usho uJehova, ‘balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, bakhuleka kubo, bangishiya, abagcinanga umthetho wami,


Sonke isigodi sezidumbu, nesomlotha, nawo onke amasimu kuze kube semfudlaneni iKidroni, kuze kufike egumbini leSango Lehhashi ngasempumalanga kuyakuba ngcwele kuJehova, kungabe kusasishulwa, kubhidlizwe kuze kube phakade.”


Ngiyakubeka izidumbu zabantwana bakwa-Israyeli phambi kwezithombe zabo, ngihlakaze amathambo enu nxazonke zama-altare enu.


Ngiyakukulahla ehlane, wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho, uwe ebusweni bomhlabathi; awuyikubuthwa, ulandwe; ngiyakukunika ube ngukudla kwezilwane zomhlaba nokwezinyoni zezulu.


Amakhosana abo wenze abe njengo-Orebi noZebi, nabakhulu babo bonke njengoZeba noSalimuna


Yebo, zwanini izwi likaJehova nina besifazane, izindlebe zenu zilamukele izwi lomlomo wakhe, nifundise amadodakazi enu ukukhala, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe ukulila.


Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu, kungene ezindlini zethu zamakhosi ukunquma abantwana ezitaladini, nezinsizwa ezigcawini.


Abakhulu nabancane bayakufela kuleli zwe, abayikumbelwa, abayikulilelwa; abantu abayikuzisika, abayikuziphucula ngenxa yabo;


Ngalolo suku ababuleweyo bakaJehova bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba, baze bafike komunye; abayikukhalelwa, abayikubuthwa, abayikumbelwa, bayakuba ngumquba ebusweni bomhlaba.


Uyakuwa ebusweni bomhlaba, ngokuba mina ngikhulumile, isho iNkosi uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite