Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 8:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ukuthimula kwamahhashi akhe kuyezwakala kwaDani; ngezwi lokuyiyiza kwanamandla akhe izwe lonke liyathuthumela, ngokuba afikile, alidlile izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhe kuwo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ukuthimula kwamahhashi akhe kuzwakele kwaDani; umsindo wokukhala kwamahhashi akhe anamandla kuthuthumelise lonke izwe, ngokuba asefikile, aliqothula izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhileyo kuwo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ukukhala kwamahhashi akhe kwezwakala kwaDani; ngoba bafika balidla ilizwe lakho konke okwakukulo; umuzi nabakhileyo kuwo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 8:16
22 Referans Kwoze  

Baqamba igama lomuzi ngokuthi uDani ngegama likaDani uyise owazalelwa u-Israyeli; kepha igama lomuzi laliyiLayishi kuqala.


Khona zadubuza izinselo zamahhashi ngokugadula, ukugadula kwezinkweli zawo.


Kepha uma umuntu ethi kini: “Lokhu kuhlatshelwe izithombe,” ningakudli ngenxa yalowo okushiloyo nangenxa kanembeza,


ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo.


Izintaba ziyakubona, zithuthumele; isikhukhula samanzi siyadlula; utwa luzwakalisa izwi lalo, luphakamisela phezulu izandla zalo.


Ngukuqhuma kwesiswebhu, nomsindo wokugodlozela kwamasondo, namahhashi agadulayo, nezinqola ezixhumayo;


Ngomsindo wokudubhuza kwezinselo zamahhashi akhe anamandla, nangokuduma kwezinqola zakhe, nangodumo lwamasondo akhe oyise ababheki emuva kubantwana ngenxa yobuthakathaka bezandla zabo


Thulula ukufutheka kwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda, balichitha ikhaya lakhe.


Babamba umnsalo nomkhonto; banonya, abanamusa, izwi labo liduma njengolwandle, bakhwele amahhashi, behleliwe njengabantu abayakulwa, behlelelwe ukulwa nawe ndodakazi yaseSiyoni.”


Ngabuka izintaba; bheka, zazamazama; onke amagquma anyakaza.


Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo.


Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yahlangana njengomuntu munye, kusukela kwaDani kwaze kwaba seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.


Ulenze ukuba lixhume njengenkumbi na? Indumo yokuthimula kwalo iyesabeka.


UBosheti* uqedile umshikashika wawobaba kwasebusheni bethu, izimvu zabo, nezinkomo zabo, namadodana abo, namadodakazi abo.


Bayakudla okuvuniweyo kwakho nesinkwa sakho, badle amadodana akho namadodakazi akho, badle izimvu zakho nezinkomo zakho, badle imivini yakho nemikhiwane yakho, bachithe ngenkemba imizi yakho ebiyelweyo othemba kuyo.


“Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Sizwile izwi lokuthuthumela, elokwesaba kungengelokuthula.


“ ‘Ngalokho bonke abakudlayo bayakudliwa, nabo bonke abamelene nawe bayakuthunjwa bonkana, nabakuphangayo bayakuphangwa, nabo bonke abakwamukayo ngiyakubanikela ukuba bamukwe.


Babamba umnsalo nomkhonto; banonya, abanamusa; izwi labo liduma njengolwandle; bakhwele amahhashi, behleliwe njengabantu abayakulwa nawe ndodakazi yaseBabele.


Umhlaba uyathuthumela, uqhaqhazele, ngokuba amacebo kaJehova ngeBabele emi okuba enze izwe laseBabele libe yincithakalo, kuze kungabikho ohlala khona.


Ingonyama ikhuphukile esihlahleni sayo, umchithi wezizwe uyeza; uphumile endaweni yakhe ukuba ulenze izwe lakho libe yincithakalo, ichithwe imizi yakho, kungabikho ohlala kuyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite