Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 8:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo, ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka, usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Kabanamahloni ngezinengiso abazenzileyo, kabanamahloni nakancane; abakhophozi, kabazi, ngakho-ke bayakuwela phakathi kwalabo asebewile; ngesikhathi sokujeziswa kwabo bayakukhubeka, kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Baba namahloni ngokwenza izinengiso na? yebo, ababanga namahloni nakancane futhi bengenakuba namahloni; ngakho-ke bayakuwa phakathi kwalabo abawayo; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo bayakuwa, usho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 8:12
20 Referans Kwoze  

Ngalokho izihlambi zinqandiwe, nemvula yamuva ayibangakho. Nokho wawunebunzi lesifebe, wala ukuba namahloni.


Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo; ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka,” usho uJehova.


Ukukhetha kwabo ubuso kuyafakaza ngabo; benza izono zabo obala njengeSodoma, abazifihli. Maye kuyo imiphefumulo yabo! Ngokuba bazenzele okubi.


“Bheka, nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso.”


UJehova ulungile phakathi kwawo, akenzi okubi; ekuseni njalo uveza ukwahlulela kwakhe ekukhanyeni, akuphuthi; kepha abangalungile abazi amahloni.


Uzigabiselani ngokubi wena siqhwaga na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.


Ngeyami impindiselo nembuyiselo ngesikhathi sokushelela konyawo lwabo, ngokuba usuku lwabo lwengozi selusondele, izinto abazilungiselweyo ziyakuphuthuma.


abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba.


U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa, ngazisile izizwe zakwa-Israyeli okuqinisekileyo.


Kuyakuthi njengakubantu kube njalo kumpristi, nanjengasencekwini kube njalo enkosini yayo, nanjengasencekukazini kube njalo enkosikazini yayo, nanjengakumthengi kube njalo kumthengisi, nanjengakotshelekayo kube njalo kobolekayo, nanjengakobiza inzalo kube njalo kokhokha inzalo.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakubekela laba bantu izikhubekiso, oyise namadodana bakhubeke kanyekanye kuzo, umakhelwane abhubhe kanye nomngane wakhe.”


Ziyize, umsebenzi wenkohliso; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.


Abazithobanga kuze kube namuhla, abesabanga, abahambanga ngomthetho wami nangezimiso zami engikubeke phambi kwenu naphambi kwawoyihlo.


Wambula ubufebe bakhe, wambula ubunqunu bakhe. Wase wahlukana naye umphefumulo wami, njengalokho umphefumulo wami wahlukana nodadewabo.


Kwathi ngangomuso enkulu yathi kwencane: “Bheka, bengilele nobaba izolo; asimphuzise iwayini nangalobu busuku, ungene wena, ulale naye ukuba sizizuzele inzalo kubaba.”


Ngalokho usho kanje uJehova ngabaprofethi abaprofetha ngegama lami, ngingabathumanga, bathi: ‘Akuyikubakho inkemba nendlala kuleli zwe,’ uthi: Ngenkemba nangendlala bayakuphela laba baprofethi.


“Ngalokho indlela yabo iyakuba yizindawo ezibushelelezi; bayakusunduzwa ebumnyameni, bawe kubo, ngokuba ngiyakubehlisela okubi ngomnyaka wokuhanjelwa kwabo,” usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite