Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 7:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “ ‘Niyakweba yini, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nimshisele uBali impepho, nilandele abanye onkulunkulu eningabazanga,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 “ ‘Niyokweba yini, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nishisele uBhali impepho, nilandele abanye onkulunkulu eningabaziyo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Nizokweba, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nishunqise umusi kuBali, nilandele abanye onkulunkulu eningabaziyo na?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 7:9
46 Referans Kwoze  

uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, futhi ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nilimale,


“Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.


“UJehova Sebawoti owakutshala ukhulumile okubi phezu kwakho ngenxa yokubi kwendlu yakwa-Israyeli nokwendlu yakwaJuda abakwenzile ukuba bangicunule ngokushisela uBali impepho.”


Ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda, nanjengomumo wezitaladi zaseJerusalema nimisele uBosheti* ama-altare, ama-altare okushisela uBali impepho.’


Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Koze kube nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali, mlandeleni yena.” Kodwa abantu kabamphendulanga ngazwi.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


Siyazi ukuthi ukwahlulela kukaNkulunkulu ngokweqiniso kubehlela abenza okunjalo.


“Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.


nabakhuleka kulo ibandla lasezulwini phezu kwezindlu, nabakhuleka kuJehova bemfunga, befunga futhi uMilkomu,


Uyise, ngokuba wacindezela nokucindezela, waphanga nokuphanga umfowabo, wenza okungekuhle phakathi kwabantu bakhe, bheka, yena uyakufa ngokona kwakhe.


ngenxa yobubi babo ababenzileyo ukuba bangicunule, behamba beshisa impepho, bekhonza abanye onkulunkulu abangabazanga bona, nani, nawoyihlo.


AmaKaledi alwa nalo muzi ayakufika, awuthungele lo muzi ngomlilo, awushise kanye nalezo zindlu abashisele uBali impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa ukuba bangicunule.


Laba bantu ababi abala ukuzwa amazwi ami, abahamba ngobulukhuni bezinhliziyo zabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, bakhuleke kubo, bayakuba njengaleli bhande elingasenamsebenzi.


Bakhetha onkulunkulu abasha; lapho kwafika impi emasangweni; kwabonwa isihlangu noma umkhonto yini phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?


“Bahlabela amademoni angesibo onkulunkulu, onkulunkulu ababengabazi, onkulunkulu abasha, abasand'ukuqhamuka, ababengesatshwa ngoyihlo.


Ningabe nisaletha iminikelo eyize yempuphu; impepho iyisinengiso kimi; ezokwethwasa kwenyanga namasabatha nokubiza imihlangano angivumi ububi kanye nemikhosi.


Nokho bangifuna izinsuku zonke, bathanda ukwazi izindlela zami; njengesizwe esenza ukulunga, singashiyi ukwahlulela kukaNkulunkulu waso, babuza kimi izahlulelo zokulunga, bathanda ukusondela kuNkulunkulu.


Ngiyakukhipha ukwahlulela kwami phezu kwabo ngenxa yabo bonke ububi babo, ngokuba bangihlubukile, bashisela abanye onkulunkulu impepho, bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.


“Ngingakuthethelela kanjani na? Abantwana bakho bangishiyile, bafunga okungesibo onkulunkulu. Ngabafungisa, kepha baphinga, babuthana endlini yezifebe.


Ngokuba abantu bami bangikhohliwe, bashisela okuyize impepho, bakhubeka ezindleleni zabo, emendweni yasendulo ukuba bahambe ngemikhondo, ngezindlela ezingahlelwanga,


Ngokuba bangishiyile, benze le ndawo ukuba ibe ngeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, abangabazanga, bona nawoyise namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala,


ngokungicunula ngemisebenzi yezandla zenu, nishisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe, lapho niyile khona ukugogobala, ukuba ninqunywe, nibe yisiqalekiso nehlazo phakathi kwezizwe zonke zomhlaba, na?


Nikhohliwe yini ububi bukayihlo, nobubi bamakhosi akwaJuda, nobubi bamakhosikazi awo, nobubi benu, nobubi bawomkenu ababebenza ezweni lakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, na?


Ngiyakwenza ukuba kuphele kwaMowabi,” usho uJehova, “yena onikela ezindaweni eziphakemeyo noshisela onkulunkulu bakhe impepho.


Ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngokuba uyingcolisile indlu yami engcwele ngakho konke okuzondekayo kwakho nangazo zonke izinengiso zakho, ngalokho ngiyakukunciphisa impela, iso lami lingahawukeli, ngingabi nabubele.


Ekubulaleleni kwabo izithombe zabo amadodana abo bangena, ngalona lolo suku, endlini yami engcwele ukuyingcolisa. Bheka, benza kanjalo phakathi kwendlu yami.


Ngiyakumhambela ngenxa yezinsuku zawoBali owabashisela ngazo impepho, wahloba ngamacici akhe nangezinto zakhe ezinhle, wazilandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa, usho uJehova.


Njengabaphangi beqamekela umuntu, isigaba sabapristi siyabulala endleleni eya eShekemi, yebo, benza okunengekayo.


nishise umnikelo wokubonga ngokuvutshelweyo, nimemezele iminikelo yesihle, niyizwakalise, ngokuba nithanda kanjalo, bantwana bakwa-Israyeli,” isho iNkosi uJehova.


Noma bethi: ‘Kuphila kukaJehova,’ nokho bafunga amanga.”


“Ngalokho thana kuyo indlu yakwa-Israyeli: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Niyakuzingcolisa ngendlela yawoyihlo, nilandele ngokuphinga okuzondekayo kwabo, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite