Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 7:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ningethembi emazwini amanga, lapho kuthiwa: “Nanti ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ningethembeli emazwini angamampunge, uma kuthiwa: leli yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ningethembi emazwini amanga athi: Ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, yilo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 7:4
16 Referans Kwoze  

elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo, nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo, nelibaprofethi balo babhula ngemali, bencike nokho kuJehova, bethi: “UJehova akaphakathi kwethu na?” Asiyikwehlelwa ngokubi.


Ngalolo suku awusayikuba namahloni ngazo zonke izenzo zakho ophambuke ngazo kimi, ngokuba khona ngiyakususa phakathi kwakho abazidla ngokujabula, awusayikuziphakamisa entabeni yami engcwele.


nina eningingcolisa phakathi kwabantu bami ngezinkweshe zebhali* nangezingcezu zesinkwa ngokubulala imiphefumulo ebingayikufa nokusindisa imiphefumulo ebingayikuphila ngokuqamba kwenu amanga kubantu bami abalalela amanga, na?


“Thuma kubo bonke abathunjwa, uthi: ‘Usho kanje uJehova ngoShemaya waseNehelamu, uthi: Ngenxa yokuba uShemaya eprofethile kini, mina ngingamthumile, wanenza ukuba nethembe emangeni,


Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka, ningaqali ukuthi phakathi kini: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu unamandla okumvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.


Wayesethi umprofethi uJeremiya kuHananiya umprofethi: “Mawuzwe, Hananiya; uJehova kakuthumanga, kepha wena wenza laba bantu ukuba bethembe amanga.


Bapholisa kalula ukulimala kwabantu bami, bathi: ‘Ngukuthula, ngukuthula,’ kepha akukho ukuthula.


ngokuba benzile ubuwula kwa-Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo; yimi engikwaziyo, ngingufakazi,” usho uJehova.


ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona; nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, u-Israyeli abe yisaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke.


Ngokuba bazibiza ngomuzi ongcwele, bencika kuNkulunkulu ka-Israyeli, nguJehova Sebawoti igama lakhe.


Akakho omemeza ngokulunga, akakho owahlulela ngeqiniso; bethemba kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe yingozi, bazala ububi.


Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iphi leyo ndlu ebeniyakungakhela yona, iphi indawo yami yokuphumula, na?


ngiyakwenza kule ndlu ebizwe ngegama lami nenithemba kuyo, nakule ndawo enganinika yona nina nawoyihlo, njengalokho ngenza kulo iShilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite