Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 6:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Mawuxwayiswe, Jerusalema, funa umphefumulo wami wahlukane nawe, funa ngikwenze incithakalo, izwe elingahlalwa.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Xwaya, Jerusalema, funa ngikufulathele, ngikwenze incithakalo, izwe okungahlalwa kulo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Mawufundiswe, Jerusalema, ukuze umphefumulo wami ungasuki kuwe; ukuze ngingakwenzi incithakalo, izwe elingahlalwa muntu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 6:8
23 Referans Kwoze  

Noma bekhulisa abantwana babo, nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu; yebo, maye kubo, lapho ngimuka kubo!


Wambula ubufebe bakhe, wambula ubunqunu bakhe. Wase wahlukana naye umphefumulo wami, njengalokho umphefumulo wami wahlukana nodadewabo.


nakuba bengalalelanga, bengabekanga izindlebe, kepha benza lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa, balaywe.


Ngathi: ‘Nokho uyakungesaba, wamukele ukulaywa.’ Indawo yawo yokuhlala ayiyikunqunywa, kungenzeki konke engiwumisele khona; kepha bavuka ekuseni, benza okubi.


Bangifulathele, abangibhekanga; noma ngabafundisa ngibaxwayisa njalonjalo, abalalelanga ukuba bamukele ukulaywa.


ingani uyazonda ukuqondiswa, amazwi ami uwalahla emva kwakho, na?


Impela lapho sengibuyisiwe, ngazisola, nalapho ngifundisiwe, ngashaya ithanga lami, ngaba namahloni, yebo, ngajabha, ngokuba ngathwala ihlazo lobusha bami.’


“Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwaba nekhaya lamakhanka, ngenze imizi yakwaJuda incithakalo, lapho kungahlali muntu khona.”


Ngiyakuthulisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.


“ ‘Ngalokho isho njalo iNkosi uNkulunkulu, ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululwa kule ndawo phezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwemithi yasendle, naphezu kwezithelo zomhlaba, kuvuthe kungacimi.


Jerusalema, hlanza inhliziyo yakho, kuphume ububi, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho emibi ihlala phakathi kwakho na?


Amabhongo ezingonyama abhongile phezu kwakhe, akhonya, alenza izwe lakhe laba yincithakalo; imizi yakhe ishisiwe, kungekho owakhe kuyo.


Bambelela ekulayweni, ungakuyeki; kulonde, ngokuba kungukuphila kwakho.


Jehova, ubusisiwe lowo muntu omyalayo, omfundisayo ngomthetho wakho,


Ngakho hlakaniphani nina makhosi; yalekani nina bahluleli bomhlaba.


Sengathi nga behlakaniphile ukuba bakuqonde lokho, bazindle ngokugcina kwabo.


Khona izwe liyakuthokoza ngamasabatha alo ngesikhathi lihlezi lichithekile, nina nisekhona ezweni lezitha zenu; khona izwe liyakuphumula, lithokoze ngamasabatha alo.


Uyakuthi kubo: ‘Yilesi sizwe esingalilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu waso, singamukelanga ukulaywa; iqiniso libhubhile, linqunyiwe emlonyeni waso.


Yizwa isiluleko, wamukele ukulaywa, ukuze uhlakaniphe ekugcineni.


Ngokuba unina ufebile, ngokuba wathi: ‘Ngiyakulandela izithandwa zami ezinginika isinkwa sami namanzi ami, uboya bami bezimvu nefilakisi* lami, amafutha ami nokuphuza kwami.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite