Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 6:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Vukani, sikhuphuke ebusuku, sichithe izindlu zayo zamakhosi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Vukani, masihlasele ebusuku, masizibhubhise izinqaba zalo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Vukani, singene ebusuku, sichithe izindlu zalo zamakhosi.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 6:5
12 Referans Kwoze  

Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.


ngokuba izindlu zamakhosi zilahliwe, nomuzi onabantu abaningi ushiyiwe; igquma nombhoshongo kuyakuba yimihume kuze kube phakade, nenjabulo yezimbongolo zasendle, nedlelo lemihlambi,


Vula iminyango yakho, Lebanoni, ukuba umlilo udle imisedari* yakho.


Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.”


Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe uMdali wakhe, wakha izindlu zamakhosi, noJuda wandisile imizi ebiyelweyo, ngiyakuthuma umlilo emizini yakhe, uqede izindlu zayo zobukhosi.”


Kepha uma ningalaleli ukuba nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo lapho ningena ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacinywa.’ ”


Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu, kungene ezindlini zethu zamakhosi ukunquma abantwana ezitaladini, nezinsizwa ezigcawini.


UNkulunkulu uyaziwa ezindlini zawo zobukhosi ukuthi uyinqaba.


Bayishisa indlu kaNkulunkulu, baludiliza ugange lwaseJerusalema, bazishisa zonke izinqaba ngomlilo, bazichitha zonke izitsha ezinxanelekayo zakhona.


Umbono ka-Obadiya. Isho kanje iNkosi uJehova ngo-Edomi, ithi: Sizwile imibiko evela kuJehova, kuthunyiwe isithunywa phakathi kwabezizwe ngokuthi: “Vukani, simvukele ngokulwa.”


Kepha wawusufohlwa umuzi, onke amadoda empi abaleka, aphuma emzini ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi – amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi – ahamba ngendlela yase-Araba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite