Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 6:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Thuthani impahla eJerusalema nina bantwana bakwaBenjamini, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBeti Hakeremi, ngokuba ububi bulunguza ngasenyakatho nokuchitha okukhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “Bantu bakwaBhenjamini, balekani niyocasha, nisuke eJerusalema, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBhethi Hakeremi, ngokuba inhlekelele ilunguza ivela ngasenyakatho nokubhubhisa okukhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Nina bantwana bakwaBenjamini, hlanganani nibalekele eJerusalema, nibethe icilongo eThekhowa, nimise isibonakaliso somlilo eBeti Hakeremi, ngokuba ububi buvela enyakatho nokubhubhisa okukhulu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 6:1
19 Referans Kwoze  

ISango Lomquba lalungiswa nguMalikhiya, indodana kaRekabi, umbusi wesifunda saseBeti Hakeremi; walakha, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, kuvela abantu ezweni elisenyakatho; isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.


Wakha iBetlehema, ne-Etamu, neThekhowa,


UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Ake uzishaye olilayo, ugqoke izingubo zokulila, ungazigcobi ngamafutha, kepha ube njengowesifazane oselilele ofileyo izinsuku eziningi,


Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhe eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.


Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa, owabonayo ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.


Bheka, kusondela izwi lombiko, nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni lasenyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo yokuhlala kwamakhanka.


Umuzi wonke uyabaleka ngenxa yomsindo wabamahhashi nowabemicibisholo; bayangena ezihlahleni, bakhuphukele emadwaleni; imizi yonke ishiyiwe, akakho ohlala kuyo.


AmaJebusi ayakhe eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.


Kungabethwa icilongo emzini, bangesabi abantu, na? Umuzi ungehlelwa ngokubi, engakwenzamga uJehova, na?


Enamahhashi amnyama iphumela ezweni lasenyakatho; amhlophe ayawalandela; anala aphumela ezweni laseningizimu.”


Eceleni kwabo kwalungisa abaseThekhowa, kepha abakhulu babo abafakanga izintamo zabo emsebenzini wenkosi yabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite