Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 51:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Usho kanje uJehova, uthi: “Ngiyakuvusela iBabele nabakhileyo eLebi Khamayi umoya womchithi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Usho kanje uSimakade, uthi: “IBhabhele nabakhileyo eLebhi Khamayi, ngiyakubavusela umoya wombhubhisi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Usho kanje uJehova; Bheka, ngiyakuvusa umoya obhubhisayo phezu kweBabele, nakulabo abangivukelayo;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 51:1
23 Referans Kwoze  

Kungabethwa icilongo emzini, bangesabi abantu, na? Umuzi ungehlelwa ngokubi, engakwenzamga uJehova, na?


“Noma enezithelo phakathi kwabafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaJehova ovela ehlane; besewujabha umthombo, isiphethu sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, zonke izinto ezinxanelekayo.


Wawa phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.”


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti ongithumile ukulanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaziniphanga ngokuba othinta nina uthinta inhlamvu yeso lakhe uthi:


Kepha wasishulwa ngokufutheka, waphonselwa phansi, umoya wasempumalanga womisa izithelo zawo; isiqu sawo esiqinileyo saphulwa, sabuna, umlilo wasiqeda.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda bacindezelwe kanyekanye; bonke ababathumbileyo bababamba, abavumi ukuba bahambe.


“Bizani abacibishelayo, balwe neBabele, bonke abansala umnsalo, nimise nxazonke zalo, lingabi nophunyukayo, niliphindisele njengezenzo zalo, nenze kulo njengakho konke elikwenzileyo, ngokuba lizikhukhumezile kuJehova, oNgcwele ka-Israyeli.


Ngakucupha, wabanjwa, Babele, ungakwazi; wafunyanwa, wabanjwa, ngokuba ulwile noNkulunkulu.


“Khuphukela ezweni laseMeratayimi,* kulona nakwabakhileyo ePhekodi,* uchithe, uqede nya emva kwabo,” usho uJehova, wenze konke engikuyale ngakho.


Ngokuba bheka, ngiyakuvusa, ngenyusele eBabele ibandla lezizwe ezinkulu, livela ezweni lasenyakatho, lizihlelele lona, linqotshwe lapho; imicibisholo yalo iyakuba njengeyeqhawe eliphumelelayo, elingabuyi ze.


Ngiyakwehlisela phezu kwe-Elamu imimoya emine emikhawulweni yomine yezulu, ngibahlakazele kuyo yonke leyo mimoya, kungabe kusabakho sizwe lapho abaxoshiweyo base-Elamu bengayikufika khona.


Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo, izwe amahemuhemu, ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.’ ”


Ndodakazi yaseBabele, wena oyakubhujiswa, ubusisiwe oyakuphindisela kuwe izenzo zakho owazenza kithina.


Bheka, isivunguvungu sikaJehova esinokufutheka siphumile; isivunguvungu esiyisikhwishikhwishi sehlele phezu kwamakhanda ababi.


Ngalokho ngiyakuzamazamisa izulu, umhlaba unyakaziswe endaweni yawo, ngentukuthelo kaJehova Sebawoti ngosuku lokuvutha kwentukuthelo yakhe.


Ngiyakukhuphuka phezu kwezindawo eziphakemeyo zamafu, ngizenze ngibe ngangoPhezukonke.’


Isiprofetho ngehlane lolwandle. Njengokudlula kwezivunguvungu eningizimu kuvela ehlane ezweni elesabekayo.


“Yehla, uhlale othulini wena ntombi, ndodakazi yaseBabele, uhlale emhlabathini, kungekho sihlalo sobukhosi, wena ndodakazi yamaKaledi, ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambile nokuthi uyatetema.


Noma iBabele likhuphukela ezulwini, yebo, noma liqinisa inqaba yalo enamandla, kuyakuvela nokho kimi abachithi, balehlele,” usho uJehova.


UJeremiya waloba encwadini konke okubi obekuyakwehlela iBabele, onke lawa mazwi alotshiwe ngeBabele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite