Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 5:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Banjengamahhashi akhulupheleyo andindayo; yilowo nalowo uyiyizela umfazi womakhelwane wakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Bafana namahhashi akhulupheleyo andindayo; yilowo nalowo ukhanuka umfazi kamakhelwane wakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Babenjengamahhashi akhuluphalisiweyo ekuseni; kwaba yilowo nalowo waxosha umkamakhelwane wakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 5:8
15 Referans Kwoze  

Ukuphinga kwakho nokuyiyiza kwakho, ukukhanuka kobufebe bakho nezinengiso zakho, ngikubonile emagqumeni asendle. Maye kuwe Jerusalema! Awuyikuhlambuluka koze kube nini na?”


Omunye wenzile isinengiso nomkamakhelwane wakhe; omunye ungcolisile ngobufebe umalokazana wakhe; omunye wonile phakathi kwakho udadewabo, indodakazi kayise.


ngokuba benzile ubuwula kwa-Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo; yimi engikwaziyo, ngingufakazi,” usho uJehova.


“Uma inhliziyo yami iyengwe ngowesifazane, ngaqamekela ngasemnyango womakhelwane wami,


“ ‘Ungafisi umfazi womakhelwane wakho; ungafisi indlu yomakhelwane wakho, nensimu yakhe, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.’


“Ungafisi indlu yomakhelwane wakho; ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.”


ayinkulu kunami kule ndlu; futhi ayingigodlelanga lutho ngaphandle kwakho kuphela, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu na?”


Sengathi nga nginendawo yokulala kwezihambi ehlane ukuba ngishiye abantu bami, ngisuke kubo, ngokuba bangabaphingi bonke, umhlangano wabakhohlisi.


“Noma nithokoza, noma nijabula nina baphangi befa lami, noma nixhuma njengesithokazi etshanini obuluhlaza, niyiyizela njengamahhashi anamandla,


Unjalo yena ongena kumkamakhelwane: akuyikuthiwa ongenacala noma yimuphi omthintileyo.


Ngokuba izwe ligcwele iziphingi; izwe liyadabuka ngenxa yesiqalekiso; amadlelo asehlane omile. Ukuhamba kwabo kubi, namandla abo awalungile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite