Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 5:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na? Ubashayile, kepha abadabukanga; ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa; benza lukhuni ubuso babo kunetshe, bala ukuphenduka.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Simakade, kanti amehlo akho awafuni lona yini iqiniso na? Ubashayile, kodwa abadabukanga, ubaqedile, kepha balile ukwemukela ukuyalwa; ubuso babo babenze balukhuni ukwedlula itshe, benqaba ukuphenduka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Jehova, amehlo akho awagxilile eqinisweni na? Wabashaya, kepha abadabukanga; Wabaqeda, kepha bala ukujeziswa; benza ubuso babo baba lukhuni kunedwala; bala ukubuya.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 5:3
45 Referans Kwoze  

Uyakuthi kubo: ‘Yilesi sizwe esingalilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu waso, singamukelanga ukulaywa; iqiniso libhubhile, linqunyiwe emlonyeni waso.


“Ngibashayele ize abantwana benu, abakwamukelanga ukulaywa; inkemba yenu ibadlile abaprofethi benu njengengonyama echithayo.


Ngathi: ‘Nokho uyakungesaba, wamukele ukulaywa.’ Indawo yawo yokuhlala ayiyikunqunywa, kungenzeki konke engiwumisele khona; kepha bavuka ekuseni, benza okubi.


Abantu ababuyelanga nokho kobashayileyo, futhi abamfunanga uJehova Sebawoti.


Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”


Wayesethela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe, namandla empi; kwamvuthela nxazonke, kepha akakwazanga; kwamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni yakhe.


Futhi-ke sasinawobaba bethu benyama abasilayayo, sabazisa; pho, asiyikuthobela uYise wawomoya kakhulu kunalokho, siphile, na?


Siyazi ukuthi ukwahlulela kukaNkulunkulu ngokweqiniso kubehlela abenza okunjalo.


“ ‘Ngokungcola kobufebe bakho nangokuba ngikuhlambululile ungahlanjululwanga kodwa awusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho, ngize nganelise ukufutheka kwami kuwe.


omkhulu emaswini, onamandla ezenzweni, omehlo akho avulekele zonke izindlela zabantu ukuba unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe nanjengezithelo zemisebenzi yakhe;


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwalo muzi nemizana yawo konke okubi engikushilo ngawo, ngokuba benze lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa amazwi ami.’ ”


Nokho abangilalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha benza lukhuni izintamo zabo; benza kabi kunawoyise.’


Ngokuba bengazi ukuthi unenkani, nentamo yakho ingumsipha wensimbi, nebunzi lakho liyithusi,


Noma ugqula isiwula ngembokodwe etsheni lokusila phakathi komqhazulo, ubuwula baso abuyikusuka kuso.


Uyakuthi: “Bangishayile, angilimalanga; bangigalele, angikwazanga. Lapho ngivuka, ngiyakubuye ngilifune.”


Amehlo kaJehova anaka onokwazi, kepha uyachitha amazwi ombuluzayo.


Umuntu omubi uyenza lukhuni ubuso bakhe, kepha oqotho uyanaka indlela yakhe.


Bheka, uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni; wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.


Ngesikhathi sokuhlupheka kwakhe waqhubeka ekuphambukeni kuJehova, yona leyo nkosi u-Ahazi.


“ ‘Kepha uma ningaxwayiswa yimi ngalezo zinto, kodwa nihamba niphambene nami,


Wabuye wathuma induna yesithathu yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo. Yakhuphuka le nduna yesithathu yamashumi ayisihlanu, yafika yaguqa ngamadolo phambi kuka-Eliya, yamnxusa, yathi kuye: “We muntu kaNkulunkulu, ukuphila kwami nokuphila kwalezi zinceku zakho ezingamashumi ayisihlanu makube yigugu emehlweni akho.


Bahlehlelani laba bantu baseJerusalema ngokuhlehla njalonjalo na? Babambelela enkohlisweni, bala ukubuya.


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Hamba usho kumadoda akwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema, uthi: ‘Aniyikwamukela ukulaywa ukuba niwalalele amazwi ami na?’ usho uJehova.


Bangabantwana abanobuso obulukhuni nenhliziyo enqala; ngiyakuthuma kubo; uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:’


Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kusehlele, nokho asincenganga ebusweni bukaJehova uNkulunkulu wethu ukuba siphenduke ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho.


“Mina nganinika ukuhlanzeka kwamazinyo emizini yenu yonke nokuswela isinkwa kuzo zonke izindawo zenu, kepha anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


Kwathi ngangomuso enkulu yathi kwencane: “Bheka, bengilele nobaba izolo; asimphuzise iwayini nangalobu busuku, ungene wena, ulale naye ukuba sizizuzele inzalo kubaba.”


Emva kwalokho uJerobowamu akaphendukanga nokho endleleni yakhe embi, kepha wabuye wenza abapristi bezindawo eziphakemeyo ngeningi labantu; othandayo wahlukaniselwa, wabangumpristi wendawo ephakemeyo.


Ngizwise intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.


Ubeka isandla ngakuye ohlalisene kahle naye; udumazile isivumelwano sakhe.


Jehova, isandla sakho siphakeme, kepha kababoni; kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu, babe namahloni; yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.


Ngalokho izihlambi zinqandiwe, nemvula yamuva ayibangakho. Nokho wawunebunzi lesifebe, wala ukuba namahloni.


Ngibelile ngembenge emasangweni ezwe, ngabaphuca abantwana, ngachitha abantu bami; ababuyanga ezindleleni zabo.


nakuba bengalalelanga, bengabekanga izindlebe, kepha benza lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa, balaywe.


Abazithobanga kuze kube namuhla, abesabanga, abahambanga ngomthetho wami nangezimiso zami engikubeke phambi kwenu naphambi kwawoyihlo.


Kwase kuhamba imizi emibili noma emithathu, yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi, kodwa ayaneliswanga; kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


“Nganishaya ngokuhamuka nesikhutha; izivande zenu, nezivini zenu, nemikhiwane yenu, neminqumo yenu eminingi kwadliwa yisibotho, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


“Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe, ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba, ngathumba amahhashi enu, ngenza ukuba ukunuka kwekamu* lenu kukhuphukele nasemakhaleni enu, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


“Nganichitha njengalokho uNkulunkulu achitha iSodoma neGomora; naninjengesikhuni esophulwe emlilweni, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite