Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 5:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Yizwani lokhu nina bantu eniyiziwula neningenakuqonda, eninamehlo, ningaboni kodwa, eninezindlebe, ningezwa kodwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Yizwani lokhu, nina bantu abayiziwula neningenakuqonda; eninamehlo, kodwa aniboni; eninezindlebe, kodwa anizwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Yizwani lokhu manje nina bantu abayiziwula eningenakuqonda; abanamehlo kodwa ababoni; abanezindlebe, bangezwa;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 5:21
26 Referans Kwoze  

“Ndodana yomuntu, wena uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo nabanamehlo okubona bengaboni kodwa, abanezindlebe zokuzwa bengezwa nokho, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


ngokuthi: “ ‘Hamba uye kulesi sizwe, uthi: “Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda, nangokubona niyakubona, ningaze nabonisisa,


njengalokho kulotshiwe ukuthi: “UNkulunkulu wabanika umoya wobuthongo, amehlo okungaboni, nezindlebe zokungezwa, kuze kube lusuku lwanamuhla.”


“Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo, funa babone ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.”


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bahlakaniphele ukwenza okubi, kepha ukwenza okuhle kabakwazi.”


Ninamehlo aniboni yini, ninezindlebe anizwa na? Anikhumbuli yini


Nonogolantethe emkhathini uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo, ihobhe, nenkonjane, nonohemu bagcina isikhathi sokufika kwabo, kepha abantu bami abazazi izahlulelo zikaJehova.


Ngase ngithi mina: “Laba bayizimpofana nje, bayiziwula, ngokuba abayazi indlela kaJehova, ukwahlulela kukaNkulunkulu wabo.


Abazi, abaqondi, ngokuba unamekile amehlo abo ukuze bangaboni, nezinhliziyo zabo ukuze bangaqondi.


Qaphelani nina zithutha phakathi kwabantu; nani ziwula, niyakuqonda nini na?


Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa, kufike abesifazane, baphembe umlilo kuwo, ngokuba bangabantu abangenakuqonda; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo.


Yini ukuba kube yimali esandleni sesiwula ukuthenga ukuhlakanipha, kungekho ukuqonda, na?


UJehova nimvuza kanjalo nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile na? Akasiye uyihlo owakudala na? Wakwenza, wakubumba.


kepha uJehova akaninikanga inhliziyo yokwazi, namehlo okubona, nezindlebe zokuzwa kuze kube namuhla.


“U-Efrayimi unjengejuba elidukiswayo lingenangqondo; bayabiza iGibithe, baya e-Asiriya.


Bayiziphukuphuku, bayiziwula bonke; ngukulaya kwezithombe; kungumuthi nje,


ukuze ngokubona babone, bangabonisisi, nangokuzwa bezwe, bangaqondi, funa baphenduke, bathethelelwe.”


Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi nakuzilandulela,


Lethani abantu abayizimpumputhe abanamehlo nezithulu ezinezindlebe.


“Memezani lokhu endlini kaJakobe, nikuzwakalise kwaJuda ngokuthi:


Ngiyakukhuluma kubani, ngifakaze ukuba bezwe, na? Bheka, izindlebe zabo azisokile, abanakulalela; bheka, izwi likaNkulunkulu seliyihlazo kubo, abathokozi ngalo.


“Kepha bala ukulalela, baphekula ihlombe, benza izindlebe zabo zaba buthuntu ukuba bangezwa.


izinhlupheko ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso lezo ezinkulu;


Manje ngokuba niyenzile yonke le misebenzi, usho uJehova, ningalalelanga, noma ngakhuluma njalonjalo, nganibiza, ningaphendulanga,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite