Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 5:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema, nibone nazi, nicinge ezigcawini, uma ningafumana umuntu, uma kukhona owenza ukwahlulela, ofuna iqiniso; bese ngilithethelela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “Yehlani nenyuka emigwaqweni eJerusalema, nibheke nxazonke, niqaphele, nicinge ezigcawini zalo, uma niyofumana umuntu abe munye vo owenza ubulungiswa, ofuna iqiniso; khona ngiyolithethelela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Gijimani ezitaladini zaseJerusalema, nibheke, nazi, nifunisise ububanzi bayo, uma ningathola umuntu owenza ukwahlulela, ofuna iqiniso; futhi ngizokuthethelela.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 5:1
29 Referans Kwoze  

“Ngafuna kubo umuntu wokubiya uthango, eme esikhaleni ngaphambi kwami ngenxa yezwe ukuba ngingalichithi, kepha angimfumananga.


Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”


Akakho omemeza ngokulunga, akakho owahlulela ngeqiniso; bethemba kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe yingozi, bazala ububi.


Baphambukile bonke, bonakele bonke; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.


Abantu abaningi bayamemezela, kube yilowo nalowo umusa wakhe, kepha ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?


Siza, Jehova, ngokuba owesaba uNkulunkulu akasekho, ngokuba banyamalele abathembekileyo kubantwana babantu.


nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo, ngenxa yokuba bengavumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe.


“Isibuyile inceku yabika lokho enkosini yayo. Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe: ‘Khawuleza, uye emigwaqweni nasemingcingweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga.’


yathi kuyo: “Gijima ukhulume kule nsizwa ukuthi iJerusalema liyakwakhiwa njengemizi engenanzingange ngenxa yobuningi babantu nezinkomo okuphakathi kwalo.


Bayakuzulazula kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela enyakatho kuze kube sempumalanga, bahambahambe ukufuna izwi likaJehova, kepha abayikulifumana.


Batheleka emzini, bagijima ogangeni; bakhuphukela ezindlini, bangena ngamafasitele njengesela.


Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube kuningi.”


Ngiyakuvuka, ngihambahambe emzini, ezitaladini nasezigcawini; ngiyakufuna othandwa ngumphefumulo wami; ngamfuna, kepha angimtholanga.


Thenga iqiniso, ungathengisi ngalo, nokuhlakanipha, nokulaywa, nokuqonda.


Ngaseceleni kwamasango, ngasekungeneni komuzi, lapho kungenwa ngeminyango, kuyamemeza ngokuthi:


Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balahlile isivumelwano sakho, badilizile ama-altare akho, babulele abaprofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.”


“Niphikisanelani nami na? Niphambukile kimi nonke,” usho uJehova.


Ayesephendula uJeremiya onke amadoda ayekwazi ukuthi omkawo bashisela abanye onkulunkulu impepho nabo bonke abesifazane ababemi khona, ibandla elikhulu, bonke abantu ababehlala ezweni laseGibithe ePhatirosi; bathi:


UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantu ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo, ofuna uNkulunkulu.


Ngubani oyakungimela phambi kwababi na? Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?


Ngaqaphela, ngezwa; abakhulumanga kahle; akakho ozisola ngobubi bakhe, ethi: “Ngenzeni na?” Bonke baphendukela emisebenzini yabo njengamahhashi aphulukundlela empini.


Sengathi nga nginendawo yokulala kwezihambi ehlane ukuba ngishiye abantu bami, ngisuke kubo, ngokuba bangabaphingi bonke, umhlangano wabakhohlisi.


Ngalokho uJehova Sebawoti usho kanje, uthi: “Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye, ngokuba ngingenze njani ngenxa yendodakazi yabantu bami na?


Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu kakhulu impela, nezwe ligcwele igazi, nomuzi ugcwele ukuhlanekezela, ngokuba bathi: ‘UJehova ulishiyile izwe, uJehova akakuboni.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite