Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 48:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Nikani uMowabi amaphiko, ngokuba uyakundiza, aphume; imizi yakhe iyakuba yincithakalo, kungabikho osahlala kuyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Nikani uMowabi amaphiko, ngokuba uyakundiza, aphume; imizi yakhe iyakuba yincithakalo, kungabi bikho ohlala kuyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Nika uMowabi amaphiko ukuba abalekele, aphunyuke; ngoba imizi yakhe izakuba yinkangala, kungahlali muntu kuyo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 48:9
8 Referans Kwoze  

Shiyani imizi, nihlale esiweni nina enakhileyo kwaMowabi, nibe njengejuba elakha emaceleni omlomo wesiwa.


Kuyakuthi njengezinyoni ezizulazulayo, njengamaphuphu ahlakazekileyo, abe njalo amadodakazi akwaMowabi emazibukweni ase-Arinoni.


Ngiyaphephela kuJehova; nisho kanjani kuwo umphefumulo wami ukuthi: “Balekela entabeni yenu njengenyoni, na?


Owesifazane wayesenikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu ukuba andizele ehlane endaweni yakhe lapho ondliwa khona isikhathi, nezikhathi, nenxenye yesikhathi, engekho ebusweni benyoka.


Ngalokho, kuphila kwami,” usho uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma, nabantwana bakwa-Amoni njengeGomora, izwe lezimbabazane nelemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade; insali yabantu bami iyakubaphanga, nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”


Zenzele izinto zokuthunjwa, ndodakazi, ohlala eGibithe, ngokuba iNofi liyakuba yincithakalo, lishiswe kungabe kusabakho ohlala kulo.


Besengithi: “Sengathi ngingaba namaphiko njengejuba; ngabe ngindizela ekudeni, ngihlale khona.”


UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo, nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite