Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 48:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Izwi lokukhala livela eHoranayimi, ukuchithwa nokuqothulwa okukhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Umsindo wokukhala okulusizi uvela eHoranayimi, incithakalo, incithakalo enkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Izwi lokumemeza livela eHoronayimi, ukubhujiswa nokubhujiswa okukhulu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 48:3
12 Referans Kwoze  

Inhliziyo yami ikhalela uMowabi; ababalekileyo bakhe bayabalekela eSora, nase Egila Shelishiya; yebo, nasegqumeni laseLuhithe bakhuphukela bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi, bephakamisa izwi lokudazuluka.


“Kusukela eHeshiboni elikhalayo liyezwakalisa ukukhala kwalo kuze kube se-Elehale naseJahasi, kusukela eSowari kuze kube seHoronayimi nase-Egilati Shelishiya, ngokuba namanzi aseNimrimi ayakuba yincithakalo.


Ngokuba bakhuphuka egqumeni laseLuthite, bekhala njalo, nasekwehleni ukuya eHoronayimi bezwile usizi lokukhala kwencithakalo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho, abe ngumfula okhukhulayo, akhukhule izwe nokugcwala kwalo, umuzi nabakhileyo kuwo; abantu bayakukhala, bonke abakhileyo ezweni bahhewule.


Ngalokho ngathi: “Ningangibheki, ngiyakukhala ngomunyu; ningazami ukungiduduza ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.”


Ngokuba ukukhala kuzungeze imikhawulo yakwaMowabi, nokuklewula kwakhe kuze kube se-Egelayimi, nokububula kwakhe kuze kube seBeri Elimi.


Bayakhuphukela ethempelini; iDiboni lenyukela ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; uMowabi uyaklewula eNebo naseMedeba; onke amakhanda ayizimpandlana, zonke izilevu ziphuculiwe.


Lowo muntu makabe njengemizi uJehova ayigumbuqela engazisoli, ezwe ukukhala ekuseni nokumemeza ngesikhathi sasemini,


UMowabi uchithekile; abancane bakhe bezwakalisa ukukhala.


“Ngumsindo wokukhala ovela eBabele, nowencithakalo enkulu ophuma ezweni lamaKaledi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite