Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 48:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Udumo lukaMowabi alusekho; eHeshiboni bacebe okubi ngaye ngokuthi: Wozani simnqume, angabe esaba yisizwe. Nawe Madimeni uyakuthuliswa, inkemba ikulandele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Udumo lukaMowabi luphelile; iHeshibhoni bacebe okubi ngalo, bathi: wozani sisiqede nya lesi sizwe. Nawe Madimeni uyakuthuliswa; inkemba iyakukuxosha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Akusayikuba khona ukudunyiswa kwaMowabi; eHeshiboni bacebe okubi ngaye; wozani silinqume esizweni. Futhi uyakunqunywa, Madmen; inkemba iyakukusukela.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 48:2
20 Referans Kwoze  

“Uma lezi zimiso zisuka ebusweni bami,” usho uJehova, “yilapho inzalo yakwa-Israyeli iyakuphela, ingabe isaba yisizwe phambi kwami kuze kube nanini.”


Kepha manje uJehova ukhulumile ukuthi: “Phakathi kweminyaka emithathu njengeminyaka yomqashwa udumo lukaMowabi luyakudelelwa, noma enezixuku eziningi; insali iyakuba ncane kakhulu, ingabi namandla.”


Abantwana bakwaRubeni babuye bakha iHeshiboni, ne-Elehale, neKiriyatayimi,


“Hhewula, Heshiboni, ngokuba i-Ayi lichithekile, nikhale, madodakazi aseRaba, nibhince izindwangu zamasaka, nilile, nigijime phakathi kwezintango, ngokuba uMilikomu uyakuya ekuthunjweni, abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.


“Emthunzini waseHeshiboni ababalekileyo bayema bephelile amandla, ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni, nelangabi phakathi kweSihoni; udlile amacele akwaMowabi, nokhakhayi lwamadoda omsindo okulwa.


UMowabi uyakuchithwa, angabe esaba yisizwe, ngokuba uzikhukhumezile kuJehova.


Nina nonke enimzungezayo manimkhalele; nani nonke enilaziyo igama lakhe anothi: ‘Yeka ukwaphuka kwenduku enamandla, udondolo oluhle!’


Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,” usho uJehova, “ngokuba nginawe, ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyo zonke izizwe engikuxoshele kuzo, kepha wena angiyikukuqeda; kodwa ngiyakukulaya ngokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.”


“Awunakanga yini abakukhulumileyo laba bantu, bethi: ‘Imindeni yomibili ayikhethayo uyilahlile’ na? Base bebadelela abantu bami, baze bangabe besaba yisizwe ngaphambi kwabo.


Ngase ngiyithatha indebe esandleni sikaJehova, ngaziphuzisa zonke izizwe uJehova angithuma kuzo:


Ngokuba washo kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kimi, wathi: “Thatha le ndebe yewayini lokufutheka esandleni sami, uphuzise kuyo zonke izizwe engikuthuma kuzo.


Ngokuba kule ntaba isandla sikaJehova siyakuphumula, noMowabi uyakunyathelwa phansi endaweni yakhe njengotshani bunyathelwa emgodini womquba.


Inhliziyo yami ikhalela uMowabi; ababalekileyo bakhe bayabalekela eSora, nase Egila Shelishiya; yebo, nasegqumeni laseLuhithe bakhuphukela bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi, bephakamisa izwi lokudazuluka.


Isiprofetho ngoMowabi. Impela ebusuku bunye i-Ari Mowabi linqotshiwe, lichithekile; impela ebusuku bunye iKhiri Mowabi linqotshiwe, lichithekile.


Ngiyakwenza ukuba i-Elamu liphele amandla ngaphambi kwezitha zalo naphambi kwabafuna ukuphila kwabo, ngibehlisele okubi, ukufutheka kwentukuthelo yami,” usho uJehova, “ngithume inkemba emva kwabo, ngize ngibaqede.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite