Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 48:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe, uphumulile enhleseni yakhe, kathululwanga ezitsheni ngezitsha, akayanga ekuthunjweni; ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye, nephunga lakhe aliguquki.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 “UMowabi ubephumule kwasebusheni bakhe, ephumule njengenzika yewayini; akathululwanga esitsheni, ethululelwa kwesinye; akayanga ekuthunjweni, ngakho-ke usanambitheka njengoba enjalo, nephunga lakhe aliguquki.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UMowabi waphumula kwasebusheni bakhe, wahlala esihlalweni sakhe, akathululwanga kwesinye isitsha ngesitsha, akayanga ekudingisweni; ngalokho ukunambitha kwakhe kwahlala kuye, nephunga lakhe aliguqukanga.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 48:11
16 Referans Kwoze  

Kuyakuthi ngaleso sikhathi ngicwaninge iJerusalema ngezibani, ngihambele abantu abajiyile enhleseni yabo, abathi ezinhliziyweni zabo: UJehova akenzi okuhle, akenzi nokubi.


Ngentukuthelo enkulu ngiyathukuthelela izizwe ezizinzileyo, ngokuba lapho ngithukuthele kancane nje, zandisa okubi.’


Ngokuba uJehova uyabuyisa ukuphakama kukaJakobe njengokuphakama kuka-Israyeli, lokhu abathululayo bebathululile, bachitha amagatsha emivini yabo.


Sizwile ngokuzidla kukaMowabi okukhulu kakhulu, ukuziphakamisa kwakhe, nokuzidla kwakhe, nokuziqhenya kwakhe, nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.


Umhlaba uyakuba yize leze, uphangwe nokuphangwa, ngokuba uJehova ukhulumile izwi lakhe.


Sizwile ngokuziphakamisa kukaMowabi ukuthi uphakeme kakhulu, nangokuzidla kwakhe nokuziqhenya kwakhe nentukuthelo yakhe nokuphafuza kwakhe okuzenzisayo.


Umphefumulo wethu udiniwe kakhulu ngukweyisa kwabaziqhenyayo nokudelela kwabazidlayo.


UNkulunkulu uzakuzwa, abaphendule, yena okhona kwaphakade. Sela* Yibona kambe okungekho kubo ukuphenduka, nabangamesabiyo uNkulunkulu.


UNebukadinesari, inkosi yaseBabele ungidlile wangiqeda; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrako;* ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangixosha.


UJehova Sebawoti uyakwenzela abantu bonke idili lokukhulupheleyo kule ntaba, idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo okunomnkantsha, iwayini elinenhlese elicwengekileyo.


Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala, nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa.


Liyize, alisenalutho, lichithekile; inhliziyo iyancibilika, amadolo ayashayana, imihelo isezinkalweni zonke, nobuso babo bonke buphaphathekile.


Ngakhuluma kuwe usenenhlanhla, kepha wathi: ‘Angizwa.’ Lokhu kuyindlela yakho kwasebusheni bakho ukuthi awulizwa izwi lami.


Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “engiyakuthuma ngazo kuye abathambekayo abayakumthambeka, bazithulule izitsha zakhe, baziphohloze izimvaba zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite