Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 47:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ingathula kanjani, lapho iyalezwe nguJehova, na? Uyinqumele i-Ashikeloni nogu lolwandle.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Kepha ingaphumula kanjani, ngokuba uSimakade uyalezile na? Uyijubile e-Ashikeloni, nasogwini lolwandle.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ingathula kanjani, lapho uJehova eyalile nge-Ashikeloni nogu lolwandle? lapho Wakubeka khona.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 47:7
15 Referans Kwoze  

Izwi likaJehova liyamemeza kuwo umuzi. Ukwesaba igama lakho ngukusindiswa; zwanini induku noyimisileyo.


“Nokuba bengiyakwehlisela inkemba phezu kwalelo zwe, ngithi: ‘Inkemba mayidabule ezweni,’ ukuze nginqume kulo abantu nezilwane,


Ngiyalithuma esizweni esingenaNkulunkulu, ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yami ukuba liphange impango, liqhwage, libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.


Kungabethwa icilongo emzini, bangesabi abantu, na? Umuzi ungehlelwa ngokubi, engakwenzamga uJehova, na?


ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwelulela isandla sami kumaFilisti, nginqume amaKhereti, ngichithe insali yasogwini lolwandle.


“Awuzwanga ukuthi kade ngakwenza na? Emihleni yasendulo ngakunquma; manje sengikulethile ukuba uchithe imizi ebiyelweyo ibe yizinqwaba.


Mina uqobo ngibayalile abangcwele bami, yebo, ngibizele amaqhawe ami okwentukuthelo yami, bona labo abami abajabula ngokuziqhenya.


Hamba manje, unqobe u-Amaleki, uchithe impela konke anakho, ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa, nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.’ ”


“Makaqalekiswe owenza umsebenzi kaJehova ngokunganakekeli, aqalekiswe naye ogodla inkemba yakhe egazini.


Mayibuyiselwe emgodleni. Endaweni lapho wadalwa khona, ezweni lokudabuka kwakho, lapho ngiyakukwahlulela khona.


“Ndodana yomuntu, profetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi, ithi: Thana: “ ‘Inkemba, inkemba iloliwe, futhi iphucuziwe.


“Wena ndodana yomuntu, profetha, ushayanise izandla, inkemba iphindwe kathathu, ibe ngeyababulawayo nenkemba yokubulawa komkhulu, ibahaqe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite