Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 47:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Awu wena nkemba kaJehova, koze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 “Awu wena nkemba kaSimakade, kuyoze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 O nkemba kaJehova, koze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, phumula futhi uthule.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 47:6
20 Referans Kwoze  

Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho, ngokuba inkemba kaJehova iyadla, kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kufike komunye, nenyama enokuthula ayikho.


Khona uJesu wathi kuPetru: “Faka inkemba emgodleni wayo; angiyikusiphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na?”


Mayibuyiselwe emgodleni. Endaweni lapho wadalwa khona, ezweni lokudabuka kwakho, lapho ngiyakukwahlulela khona.


“Nokuba bengiyakwehlisela inkemba phezu kwalelo zwe, ngithi: ‘Inkemba mayidabule ezweni,’ ukuze nginqume kulo abantu nezilwane,


“Uyakusho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Phuzani, nidakwe, nihlanze, niwe, ningabe nisasukuma ngenxa yenkemba engiyakuyithuma phakathi kwenu.’


“Ngiyakubamisela izinhlobo ezine,” usho uJehova: “inkemba yokubulala, nezinja zokudonsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha.


Koze kube nini izwe lidabuka, nemifino yonke yasendle ibuna, na? Ngobubi babakhileyo khona izinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi: “Akayikubona ukugcina kwethu.”


Koze kube nini ngibona ibhandela,* ngizwe izwi lecilongo, na?


Izembe liyakuzikhukhumeza kuye ogawula ngalo na? Isaha liyakuzikhulisa kuye oliqhubayo, njengokungathi induku izamazamisa abayiphakamisayo, nodondolo luphakamisa ongesiwo umuthi, na?


“Wo kulo i-Asiriya, intonga yentukuthelo yami, nokusesandleni salo ukufutheka kwami kuyinduku.


Vuka, Jehova, umhlangabeze, umwise phansi; sindisa umphefumulo wami komubi ngenkemba yakho,


UJehova wayiyala ingelosi; yabuyisela inkemba yayo emgodleni wayo.


U-Abineri wayesememeza kuJowabe, wathi: “Inkemba iyakudla njalonjalo na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni na? Koze kube nini ungabayali abantu ukuba babuye ekubalandeleni abafowabo na?”


Izigaba zontathu zabetha amacilongo, zaphohloza izitsha, zaphatha izimbaqa ngezandla zokhohlo namacilongo ngezandla zokunene ukuba ziwabethe; zamemeza zathi: “Inkemba kaJehova nekaGideyoni!”


“Makaqalekiswe owenza umsebenzi kaJehova ngokunganakekeli, aqalekiswe naye ogodla inkemba yakhe egazini.


“Makufike inkemba phezu kwamaKaledi,” usho uJehova, naphezu kwabakhileyo eBabele, naphezu kwezikhulu zalo, naphezu kwezihlakaniphi zalo.


“Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami,” usho uJehova Sebawoti. “Shaya umalusi, zize zihlakazeke izimvu, bese ngiphendulela abancane isandla sami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite