Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 47:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ubumpandla bulehlele iGaza; i-Ashikeloni liphelile, insali yesigodi sabo; uyakuzisika kuze kube nini na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 IGaza iyakuba nempandla, i-Ashikeloni lishabalele, wena nsali yensali yesigodi sabo, uyakuzisika kuze kube nini na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Impandla yaba phezu kweGaza; I-Ashikeloni lachithwa nensali yesigodi sabo; koze kube nini uziqothula?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 47:5
20 Referans Kwoze  

Ngokuba onke amakhanda ayizimpandla, nazo zonke izilevu zigundiwe; zonke izandla zisikiwe, nasezinkalweni zonke kukhona indwangu yamasaka.


nayo yonke ingxubevange yabantu; onke amakhosi ase-Uzi, nawo onke amakhosi asezweni lamaFilisti e-Ashikeloni, naseGaza, nase-Ekroni, nensali yase-Ashidodi;


Ziphucule, zigunde ngenxa yabantwana bokwenama kwakho, wandise ubumpandla bakho njengenqe, ngokuba bayakuthunjwa kuwe.


kwafika amadoda angamashumi ayisishiyagalombili evela eShekemi, naseShilo, naseSamariya, izilevu zawo ziphuculiwe nezingubo ziklejuliwe, bezisikile, bephethe iminikelo yempuphu nempepho ezandleni zabo ukuba bakulethe endlini kaJehova.


Ngesikhathi sonke ubusuku nemini wayesemathuneni nasezintabeni, ememeza, ezilimaza ngamatshe.


ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwelulela isandla sami kumaFilisti, nginqume amaKhereti, ngichithe insali yasogwini lolwandle.


Bayakubhinca izindwangu zamasaka, uvalo lubasibekele, amahloni abe sebusweni bonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda abo.


ngenxa yosuku olufika ukuchitha onke amaFilisti nokunquma eTire naseSidoni bonke abasizi abaseleyo, ngokuba uJehova uyakuwachitha amaFilisti, insali yesiqhingi saseKafitori.


Izwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofethi ngamaFilisti, uFaro engakanqobi iGaza.


Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Bayakhuphukela ethempelini; iDiboni lenyukela ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; uMowabi uyaklewula eNebo naseMedeba; onke amakhanda ayizimpandlana, zonke izilevu ziphuculiwe.


Base bememeza ngezwi elikhulu, bazisika ngawomese nangemikhonto ngomthetho wabo, kwaze kwatshaza igazi kubo.


UJuda wathatha iGaza nomkhawulo walo, ne-Ashikeloni nomkhawulo walo, ne-Ekroni nomkhawulo walo.


“Ningabantwana bakaJehova uNkulunkulu wenu; aniyikuzisika, ningaziphuculi phezu kwamehlo enu ngenxa yabafileyo.


“ ‘Abayikuzigega amakhanda abo, bangasiphuculi isilevu emaceleni, bangazigcabi emzimbeni.


“ ‘Aniyikuzigcaba emizimbeni yenu ngenxa yabafileyo, ningazilobi amabala; nginguJehova.


Abakhulu nabancane bayakufela kuleli zwe, abayikumbelwa, abayikulilelwa; abantu abayikuzisika, abayikuziphucula ngenxa yabo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite