Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 47:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 ngenxa yosuku olufika ukuchitha onke amaFilisti nokunquma eTire naseSidoni bonke abasizi abaseleyo, ngokuba uJehova uyakuwachitha amaFilisti, insali yesiqhingi saseKafitori.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 nangenxa yosuku oluzayo ukuzobhubhisa wonke amaFilisti, nokuqeda iThire neSidoni, bonke abasizi abasalayo; ngokuba uSimakade uyakuwabhubhisa amaFilisti, insali yesiqhingi iKhafithori.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 ngenxa yosuku oluzayo lokuphanga onke amaFilisti, nokunquma eTire naseSidoni bonke abasizayo abaseleyo, ngokuba uJehova uyakuphanga amaFilisti, insali yezwe laseKafitori.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 47:4
27 Referans Kwoze  

“Aninjengabantwana bakwaKushe kimi, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova. “Angikhuphulanga u-Israyeli ezweni laseGibithe, namaFilisti eKafitori, nama-Aramu eKhiri, na?”


Abakhileyo kuleli elingasogwini bayakuthi ngalolo suku: ‘Bheka, linjalo ithemba lethu esabalekela kulo ukuba sisizwe, sophulwe enkosini yase-Asiriya; pho-ke, thina siyakuphunyuka kanjani na?’ ”


kanjalo nama-Avi ayehlala emizaneni kwaze kwaba seGaza, anqoba amaKafitori ayevela eKafitori, akha esikhundleni sawo.


Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa, izinsuku zempindiselo zisondele; u-Israyeli uyakukwazi. Umprofethi uyakuba njengesiwula, umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakho nangobutha obukhulu;


besakubonisa amanga, bekubhulela inkohliso yokuthi uyakubekwa ezintanyeni zababi ababulawayo, abalusuku lwabo lufika ngesikhathi sokuphela kokubi.


“ ‘Wena sikhulu sakwa-Israyeli, shinga elibulawayo, elilusuku lwakho lufika ngesikhathi sokuphela kobubi,


Isikhathi sesifikile, usuku lusondele; umthengi makangathokozi, nomthengisi makangalili, ngokuba ukufutheka kuphezu kwaso sonke isixuku sabo.


Lolu suku lungusuku lweNkosi uJehova Sebawoti, usuku lokuphindisela lokuba aziphindisele kwabamelene naye. Inkemba iyakudla isuthe, izanelise ngegazi labo, ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inomhlatshelo ezweni lasenyakatho ngasemfuleni u-Ewufrathe.


INkosi iyakumhleka, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe luyeza.


Ngokuba lezi ziyizinsuku zempindiselo ukuba kugcwaliseke konke okulotshiweyo.


Bayakwazi ukuthi nginguJehova, lapho sengiphembe umlilo eGibithe, bachotshozwe bonke abasizi balo.


ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwelulela isandla sami kumaFilisti, nginqume amaKhereti, ngichithe insali yasogwini lolwandle.


“I-Asiriya liyakuwa ngenkemba, kungengamuntu, nenkemba engesiyo eyomuntu iyakuliqeda; liyakubalekela usiko lwenkemba, kepha izinsizwa zalo ziyakuba yizinceku zempoqo.


Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwa nasekuchithakaleni okuvela kude na? Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na? Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?


“UNkulunkulu akayikubuyisa intukuthelo yakhe; phansi kwakhe bayakhothama abasizi bakaRahabi.


namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti, namaKafitori.


Kuthe uFinehasi umpristi, nezikhulu zenhlangano, izinhloko zemindeni yakwa-Israyeli ezazinaye sezizwile amazwi akhulunywa ngabantwana bakwaRubeni, nangabantwana bakwaGadi, nangabantwana bakwaManase, kwaba kuhle emehlweni abo.


UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,


Klewula wena sango, dazuluka wena muzi, phela amandla wena Filistiya lonke! Ngokuba enyakatho kuvela umusi; akakho oyakwahlukana nebutho lakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite