Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 47:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho, abe ngumfula okhukhulayo, akhukhule izwe nokugcwala kwalo, umuzi nabakhileyo kuwo; abantu bayakukhala, bonke abakhileyo ezweni bahhewule.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho, azakuba ngumfula okhukhulayo, azokhukhula izwe nokukulo, umuzi nabakhe kuwo. Abantu bayakukhala; bonke abakhe ezweni bayakukhala, bakhihle isililo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Usho kanje uJehova; Bheka, amanzi akhuphuka enyakatho, abe nguzamcolo okhukhulayo, akhukhule izwe nakho konke okukulo; umuzi nabakhileyo kuwo, khona-ke abantu bayokhamuluka, bakhale bonke abakhileyo ezweni.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 47:2
32 Referans Kwoze  

“IGibithe liyisithokazi esihle kakhulu, kepha kuvela isibawu enyakatho, sesifikile.


Ukuthimula kwamahhashi akhe kuyezwakala kwaDani; ngezwi lokuyiyiza kwanamandla akhe izwe lonke liyathuthumela, ngokuba afikile, alidlile izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhe kuwo.”


Wayesethi kimi uJehova: “Okubi kuyakuqhambuka ngasenyakatho, kubehlele bonke abakhileyo bomhlaba.


Yayisithi kimi: “Amanzi owabonayo, lapho sihlezi khona isifebe, angabantu, nezixuku, nezizwe, nezilimi.


Kwase kuza enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: “Woza lapha, ngikutshengise ukwahlulelwa kwesifebe esikhulu esihlezi phezu kwamanzi amaningi,


Minani nina bacebileyo; khalani, nilile ngezinhlupheko eziyakunehlela.


Kepha uma umuntu ethi kini: “Lokhu kuhlatshelwe izithombe,” ningakudli ngenxa yalowo okushiloyo nangenxa kanembeza,


ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo.


Kepha ngesikhukhula esiphuphumayo uyakuqeda indawo yakhona, axoshele izitha zakhe ebumnyameni.


Ngengalo yesifufula bayakukhukhulwa ebusweni bakhe, babhujiswe, yebo, nesikhulu sesivumelwano.


“Yeka ukuphela kwakhe amandla. Hhewulani! Yeka ukufulathela kukaMowabi ngamahloni, uMowabi abe ngohlekwayo noqeda amandla kubo bonke abamzungezayo.”


Izwi uJehova alikhuluma kuJeremiya umprofethi ngokuza kukaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, ukuchitha izwe laseGibithe.


Bayakulesaba igama likaJehova entshonalanga, nenkazimulo yakhe empumalanga, ngokuba uyakufika njengomfula okhahlamezayo, oqhutshwa ngumoya kaJehova.


Ngiyakwenza ukwahlulela kube ngumucu wokulinganisa, nokulunga kube ngumthofu wokumisa, isichotho sihlwithe isiphephelo samanga, amanzi akhukhule indawo yokucasha.


Isiprofetho ngesiGodi Sombono. Yini, pho, ukuba ukhuphukele wonke ophahleni lwezindlu


Ngokuba ukukhala kuzungeze imikhawulo yakwaMowabi, nokuklewula kwakhe kuze kube se-Egelayimi, nokububula kwakhe kuze kube seBeri Elimi.


Klewula wena sango, dazuluka wena muzi, phela amandla wena Filistiya lonke! Ngokuba enyakatho kuvela umusi; akakho oyakwahlukana nebutho lakhe.


Maludume ulwandle nokugcwala kwalo, izwe nabakhileyo kulo.


Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo.


Uma bengilambile, bengingekutshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo.


Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, kuvela abantu ezweni elisenyakatho; isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.


Izizwe zizwile ngehlazo lakho, umhlaba ugcwele ukukhala kwakho; ngokuba iqhawe likhubeka ngelinye, awa omabili kanyekanye.”


Indodakazi yaseGibithe iyakujabhiswa, inikelwe esandleni sabantu basenyakatho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite